
Kusolwa uzungu ngokuxoshwa kukaRiveiro kwi-Al Ahly
Kungenzeka ukuthi abadlali be-Al Ahly babe nesandla ekuxoshweni kukaJose Riveiro obengumqeqeshi wabo.
Lezi zinsolo zivezwe ngowayeyisikhulu se-Al Ahly, u-Amr Famhy, odalule ukuthi uRiveiro ubengeyena umqeqeshi iqembu ebelifuna ukumnthatha.
Uthe ukuthathwa kwakhe bese kwenzelwa ukuvala isikhala ngemuva kokuthi obefunwa yile kilabhu engatholakali.
Ekhuluma kwiSports ON yeRadio 2000, uFahmy uthe umqeqeshi owayefunwa yilezi ziqhwaga zaseGibhithe waqoka ukuya eqenjini laseSaudi Arabia.
Kungaleso sikhathi lapho ikilabhu ‘yabe seyikhalela’ kuRiveiro ojoyine ngemuva kwempumelelo abe nayo eminyakeni emithathu ayihlale kwiziqhwaga zaseNingizimu Afrika i-Orlando Pirates.
URiveiro nokho uxoshiwe ngoMsombuluko kulandela ukuqala kancane okumenze wanqoba umdlalo owodwa kweyisikhombisa.
“Bekuvele kubukeka kungeke kulunge kwasekuqaleni nje,” kusho uFamhy. Uphinde waveza ukuthi uRiveiro usayinelwe inqwaba yabadlali abasha.
“I-Al Ahly ichithe imali eningi emakethe, kodwa akuzange kube khona ukuthuthuka. Abalandeli nabo bebengajabule ngendlela iqembu ebelidlala ngayo.
“Indlela yokwakha iminyakazo usuka emuva ayisebenzi lapha. I-Ahly ifuna imiphumela esheshayo. Asikho isikhathi sokuqala indlela entsha.”
URiveiro uzame ukwethula isitayela sakhe sokudlala esincike ekwakhiweni okunensayo kusuka emuva nokubheka isikhathi esifanele sokuhlasela.
UFamhy uthe abadlali nabo kusolakala ukuthi babone kuzobathatha isikhathi eside ukujwayela lesi sitayela, babe sebebona kungcono bamxoshise.
“Kubukeka sengathi ubengenalo izwi eliqinile eqenjini. I-Al Ahly inezihlabani ezinkulu futhi yena ubengazi ukuthi azilawule kanjani.
“Ubethambe kakhulu ukuthi engaba seqenjini elikhulu kangaka. Abadlali nabo bebengamethembi.
“Kunezinsolo zokuthi bakhe uzungu lokuhlulwa ngamabomu bebhekene nePyramids,” kwengeza lesi sikhulu.
FUNDA NALA | UMbule uphawula ngokubuyela kwiBafana
Sekubhekwe ngabomvu ukuthola ukuthi ngabe yimuphi umqeqeshi ozongena ezicathulweni zikaRiveiro.
