EzintshaOrlando Pirates

IPirates yethule abadlalu abasha, akekho obebhekwe kakhulu

Lokhu kuyingxenye yohlelo lokwakha kabusha lwalezi ziqhwaga zaseSoweto ngaphansi komqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou.

AmaBhakabhaka aasevele akuqinisekisile ukufika kukaSipho Mbule, ojoyine kulandela ukukhululwa kwakhe kwiMamelodi Sundowns.

Futhi manje sebengeze ingxube yabadlali abasebancane nabanamava ukuze baqinise isikwati ngendlela efanele

Uhlu oluphelele lwabadlali abasha be-Orlando Pirates lumi kanje:

  • Tshepang Moremi – Osuka kuMaZulu
  • Sihle Nduli – Osuka kwiStellenbosch FC
  • Sinoxolo Kwayiba – Osuka kwiChippa United
  • Masindi Nemtajela – Osuka kwiMarumo Gallants
  • Tshepo Mashiloane – Osuka kwiBaroka FC
  • Yanela Mbuthuma – Osuka kwiRichards Bay
  • Nkosikhona Ndaba – Osuka kwuRichards Bay

Laba badlali abasha kulindeleke ukuthi babe yingxenye yezinhlelo zika-Ouaddou njengoba i-Orlando Pirates izilungiselela isizini ezoba matasa.

Ngaphezu kwemiqhudelwano emine yakuleli, iPirates izodlala nakwiCaf Champions League. 

Kube negama elilodwa elinakekile elisalile esimemezelweni esisemthethweni sePirates.

Lelo ngelomdlali osemncane onekhono elimangalisayo uKabelo Kgositsile weBaroka FC obekunemibiko ethi naye uya kwiPirates. 

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala, nokho, uke wakuveza ukudumala kwakhe ngokuthi iPirates izobolekisa ngaye. 

Ebhala ekhasini lakhe kuFacebook, wathi usazohlala enye isizini kwiBaroka FC.

Lokhu kufanele kuchaze ukungabikho kwakhe ohlwini olukhishelwe abezindaba ngoLwesine ekuseni.

Isivumelwano sokubolekwa kukaKgositsile sibonakala siyingxenye yohlelo lwesikhathi eside lwePirates lokuvumela lo mdlali isikhathi esengeziwe somdlalo.

Kuzomsiza futhi ukuthi athuthuke endaweni ayijwayele ngaphambi kokumhlanganisa neqembu lokuqala ngesizini ezayo.