
Kusale bani AmaZulu ededela izembe kwabangu-16?
Ngemuva kokukhulula abadlali abangu-16 abebeyingxenye yesikwati sesizini ka-2024/25, AmaZulu FC manje abhekene nesigaba esibucayi sokwakha kabusha.
Ukwakhiwa kabusha kweqembu kushiye le kilabhu ezinze eThekwini inabadlali abangu-14 kuphela esikwatini sayo.
Lesi sibalo sincane kakhulu kulokho okudingekayo eqenjini elizimisele ukwenza kahle kwiBetway Premiership – iqembu lidinga okungenani abadlali abangu-28.
AmaZulu manje azodinga ukusayinisa okungenani abanye abadlali abangu-14 ukuze abe neqembu elilingakwazi ukwenza kahle kube nombango omuhle wezindawo eqenjini.
Lokhu kuhlanganisa ukukhava zonke izindawo ngokwanele, ukuqinisekisa ukuthi kunabadlali abasezingeni abanele ebhentshini, nokubhekeka ukulimala, nokumiswa kwabadlali gokuqhubeka kwesizini.
Ngokusho kwabangaphakathi, AmaZulu ahlose ukuqasha inhlanganisela yabadlali abasebancane nasebenamava ukuqinisa kahle iqembu.
Kubekwe phambili ukuqinisa kubagadli nonozinti okuyila iqembu belivele belixega khona.
Lokhu ngemuva kokuhlukana nabadlali baphambili abanjengo-Augustine Mulenga, u-Etiosa Ighodaro, noJunior Dion.
Epalini, AmaZulu asale noRichard Ofori nje kuphela ngemuva kokudedela uVeli Mothwa no-Andile Mbanjwa.
Nokho basenonozinti osemncane, u-Olwethu Mzimba obuyayo ngemuva kokubolekiswa kwiDurban City lapho ebengadlali khona.
Usuthu ludedele abadlali basemuva abaningi okubalwa kubo u-Abbubaker Mobara, uThembela Sikhakhane noRamahlwe Mphahlele.
Lokhu kwenze AmaZulu asala nabadlali basemuva abathathu kuphela okungoRiaan Hamamub, uTariq Fielies noSandile Mthethwa.
Kulindeleke ukuthi aphinde aboleke noSifiso Ngobeni kwiMamelodi Sundowns. Phambili, asale no-Elmo Kambindu noTeboho Mashigo kuphela.
Kodwa leli qembu selivele liqalile ukutheza kabusha njengoba selisayine uKeagile Malepe, ongumgadli oneminyaka engu-21 ubudala obekwiPretoria Callies.
Kodwa-ke, njengoba kunezikhala eziningi okufanele zigcwaliswe, kulindeleke ukuthi kusayinwe abadllai abaningi emasontweni ezayo.
Kuvela ukuthi ikilabhu inkanise kulo lonke elakuleli nangaphandle emazweni angomakhelwane ukuhlonza abadlali ezoqinisa ngabo.
Njengoba sekuqaliwe ukulungiselelwa kwessizini entsha kwamanye amakilabhu, ingcindezi iyakhula kubaphathi baMaZulu ukuthi nabo basebenze ngokushesha.
Lokhu kuzosiza umqeqeshi u-Arthur Zwane ekuhlanganiseni abadlali abasha ngokushesha ukuze alungele isizini enzima ezayo.
