
ICity ichithe elaphesheya elisha amashushu ngoWitbooi
I-Cape Town City isichithe isicelo sika-R15 million seqembu lasePoland iGórnik Zabrze ebelifuna ukudayiselwa u-Emile Witbooi.
Lo mdlali oneminyaka engu-17 ubudala uhehe intshisekelo yamaqembu amaningi ngemuva kwesizini enhle be nayo.
I-Orlando Pirates nayo ike yakhombisa intshisekelo kuye kodwa ayizange isifake isicelo esisemthethweni.
Ngokubika kwe-iDiski Times, iGórnik Zabrze, ephethwe yingwzi yaseGermany uLukas Podolski, ibibeke imali elinganiselwa ku-R15 million etafuleni.
Kodwa i-Cape Town City isichithile lesi sicelo. Kubikwa ukuthi leli qembu lifuna phakathi kuka-R18 no-R20 million ngo-Emile Witbooi.
UWitbooi ube nesizini enhle kakhulu. Uqokwe waba yiMotsepe Foundation Championship Players’ Player of the Season.
Ubuye wasiza iCity ukuthi ifinyelele emidlalweni yokuhlungela ukukhuphukela esigabeni esiphezulu.
- FUNDA NALA | U-Ouaddou nakubheke kwiPirates koweChippa
Lo mdlali njengamanje ulungiselela isizini entsha neCity la kulindeleke baphinde bazame ukulwela ukubuyela kwiBetway Premiership.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
