
U-Ouaddou unkonkozele abebemsola iPirates ivuka ngeChippa
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou useziphendulele kwabebemsola ngakusho phakathi nesonto ngabadlali bakhe.
Lo mqeqeshi ukhale ngabadlali bakhe, wathi kumele bavuke manje emaqandeni ngemuva kokubambana ngo 1-1 naMaZulu FC ngoLwesithathu.
Nebala abadlali bakhe ‘bavukile’ ngesikhathi beshaya iChippa United ngo 3-0 eKings Park Stadium eThekwini ngeSonto.
Lo mphumela ubeke labo mpetha beBetway Premiership phezulu kwilogi okokuqala kule sizini.
UGhampani Lungu uvulele iPirates amagoli ngemuva kwesiwombe sokuqala ebesinzima.
Leli goli linikeze iPirates umfutho, yaqhubeka nokulawula umdlalo.
ULebone Seema ube eseshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-82, kwacaca ukuthi amaphuzu amathathu ayaphi.
UDaniel Msendami ube eseshayela isipikili sokugcina ngasekuphelni komdlalo.
Lo mdlali ongene esuka ebhentshini usebenzise iphutha labadlali beChippa basemuva washaya elesithathu.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Abdeslam Ouaddou ube esephendula kwabebemgxeka ngendlela akhulume ngayo.
“Abafana bami bangigezile namuhla,” kusho lo mqeqeshi kwabakamabonakude.
“Uma ubaba noma ubhuti omdala ethetha kubadlali bakhe… Ubani obazi kangcono laba badlali ngaphandle kwami?
“Abantu bakhuluma kakhulu bethi bethi umqeqeshi ukhulume kabi ngabadlali.
“Kodwa kwesinye isikhathi kumele ubuye uqinise izwi ukuze basebenze ngale ndlela.”
FUNDA NALA | ICity ichithe elaphesheya elifuna uWitbooi
Phakathi kwabamsolile u-Abdeslam Ouaddou yingwazi ye-Orlando Pirates uSifiso Myeni othe lokhu kungase kudikibalise abadlali.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
