Ezintsha

Ukube silithanda ngampela ibhola ngabe asenzi kanje

Ngiyakhala ngokuthi sithi siyisizwe esithanda ezemidlalo, kodwa sibe singayinaki imidlalo esezingeni lomhlaba.

Yebo, iqembu lethu alikho kodwa kubalulekile ukwazisa umphakathi ngemidlalo yebhola (okuyilona esilikhonze ukwedlula eminye), eqhubekayo njengamanje eDominican Republic. Ikakhulu ngoba eyamantombazana. Alinakwe, ukuze likhule, nelawo.

Ngikhuluma ngeFifa Girls Under 17 World Cup.

I-Afrika ibimelwe yiNigeria eqede iqhwakele eqoqweni layo, iyinqobe yonke imidlalo yayo yaqeda inamaphuzu ayisishiyagalolunye. 

Beyiqhathwe ne-Ecuador, iDominican Republic, neNew Zealand eqoqweni layo. IKenya ngelinye ebelimele i-Afrika. 

Ilale isithathu eqoqweni layo ebelihlanganise iNorth Korea, i-England neMexico. Inqobe umdlalo owodwa ihlula iMexico. 

Kukhona neZambia ebiseqoqweni elilodwa neBrazil, iPoland, neJapan, kanti iqede ibambe ibhuleki njengoba  ihlulwe yonke imidlalo. 

INigeria ifike yabhawa esigabeni sokuqala semidlalo yomkhumulajezi kulo mqhudelwano. Ukunganakwa kwale midlalo kuyakhathaza. 

* UZiphozonke Dlangalala ngumqeqeshi oneziqu zalo msebenzi futhi osesebenze emaqenjini amaningi.

Unentshisekelo enkulu ngokuthuthukiswa kwabadlali abasebancane bazo zonke izinhlanga nobulili.