Banyana BanyanaEzintsha

U-Ellis uthole isifundo iBanyana Banyana icishe iqhuzuka

Lo mqeqeshi uthi lo mphumela ubakhumbuzile ukuthi alisekho iqembu elilula kwiCaf Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) yanonyaka.

INingizimu Afrika, okuyiyo engompetha abavikela indebe kulo mqhudelwano oseMorocco, ibuye kade seyilandela ngemuva ngo 1-0.

UBambanani Mbane nguthe uvalele enethini igoli lokulinganisa elibalulekile ukusiza iBanyana iphinde iqhwakele kuGroup C ngamaphuzu amane.

“Besazi ukuthi ukunqoba kuzosidlulisela esigabeni esilandelayo, kodwa bekungelona usuku lwethu,” kusho u-Ellis ngemuva komdlalo. 

“Ayisekho imidlalo elula manje. ITanzania ibilwela ukuthi ibe nethuba lokuqhubeka nayo, futhi kumele siyincome — yenze kwaba nzima kithi.”

I-Twiga Stars ishaqise iNingizimu Afrika ngohlelo lomdlalo oluhlelekile, kanti u-Ellis uyavuma ukuthi iBanyana Banyana ibingekho ezingeni elifanele kulo mdlalo.

“Besiphuthuma uma siphethe ibhola, sijahe ukuya phambili futhi sasebenzisa amabhola amade isikhathi esiningi.

“Akuyona indlela yethu leyo,” kwengeza lo mqeqeshi oseneminyaka ekuleli qembu njengoba aqala kulo esengumdlali.

Naphezu kokukhungatheka, u-Ellis uncome abadlali bakhe abangene esiwombeni sesibili ngokungena nomdlandla. 

“Izinguquko zenze umehluko, futhi lokho kuyinto enhle esingayiyisa phambili,” kuqhuba yena.

Okuthathe amehlo ngeqembu lika-Ellis wukushintsha kwakhe onozinti, ashiye ngaphandle u-Andile Dlamini, aqale ngoKaylin Swart. 

U-Andile wadlala kahle ngesikhathi iBanyana Banyana inqoba umdlalo wokuqala ibhekene neGhana, evimba amabhola amabi ayethunyelwa kuye.

“Mncane kakhulu umehluko phakathi kuka-Andile noKaylin. Sinenhlanhla yokuba nonozinti ababili abasezingeni eliphezulu. 

“Kulo mdlalo, sibone ukuthi ukukwazi ukuphasa kuka-Kaylin kuzosiza ukuthi sikwazi ukusebenzisa izinhlangothi ukuhlasela iTanzania,” kuziphendulela u-Ellis.

Emdlalweni olandelayo, iBanyana Banyana izobhekana neMali ngoMsombuluko eHonneur Stadium.

Lo mdlalo iwona ozocacisa amaqembu azodlulela emzuliswaneni womkhumulajezi.

“Sibhekana nomdlalo ngamunye ngesikhathi. Lo mqhudelwano unzima, futhi ngeke sibheke kude kakhulu,” kuphetha u-Ellis.