
USipho Mbule ugeze izinhliziyo edlala okokuqala kwiBucs
Abalandeli be-Orlando Pirates bagcwele injabulo ngemuva kokuthi umdlali omusha uSipho Mbule ebageze izinhliziyo.
Ukusayinwa kukaMbule kwiPirates kususe isasasa elikhulu – abanye bekutusa, abanye bekubuka njengento engase ikhubaze leli qembu.
Kodwa ngesikhathi iPirates idlala umdlalo wobungani wokulungiselela isizini enstha neBolton Wanderers yase-England ngoLwesihlanu, uSipho Mbule ubageze igilo abebemngabaza.
USipho Mbule udlale ibhola elinenkosi phakathi futhi kumanje amavidiyo akhombisa iminyakazo yakhe agcele ezinkundleni zokuxhumana.
Ukuphasa kwakhe ngobuhlakani, nokukwazi ukubona izikhala kushiye abalandeli benconcoza yize iPirates ihlulwe ngo 2-0 kulo mdlalo obuseMarbella, eSpain.
Abalandeli babe sebengena ezinkundleni zokuxhumana bencoma lo mdlali wasesiswini olaxazwe yiMamelodi Sundowns, iPirates yazicoshela.
Abaningi bancome ukudlala kwakhe, bethi lokhu kuseyisendlalelo nje sokuthi yini okumele bayilindele kuye ngesizini ezayo.
“UMbule uyalazi ibhola. Sesiwubonile umehluko eza nawo,” ubhale kanje umlandeli obejabule ku-X (ebeyaziwa ngeTwitter).
“Besikhala ngokushoda komdlali wasesiswini onobuhlakani. Nansi impendulo seyikhona. Ukuzola, ubuchule, nokuzethemba,” omunye umlandeli ubhale kanje.
“Uma ehlala eqinile futhi egxile ekudlaleni, uzobusa kule ligi. Ikhono lakhe lisezingeni lalo lodwa,” kubhala omunye.
Ukuzethemba uma ephethe ibhola, yikhono lokulawula isivinini somdlalo nokwazi ukuxhmanisa kahle abadlala emuva nabaphambili kwakhe kuhlabe umxhwele.
Okubaluleke nakakhulu ukubona umdlali wasesiswini obukeka ekhululekile uma ephethe ibhola futhi okwazi ukuvula izikhala kalula — okuyinto iPirates ebingenayo kumasizini adlule.
Ukudlala ngokuzwana kwakhe nabanye abadlali basesiswini nabaphambili kuhlale obala zisuka nje.
Ukuthi ucishe washaya negoli, eqhulula ishodi ekude nepali, kube yisinongo esegeziwe esishiye abalandeli bechazeke nakakhulu.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ubonakala esenbudlulisile ubunzima abhekane nabo kwiSundowns.
Futhi uma ubheka akwenze kulo mdlalo, ubukeka ekulungele ukuvuselela ibhola lakhe kwiPirates ngaphansi komqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou.
Njengoba kusenemidlalo yobungani eseza, la iPirates izobhekana khona nePafos FC, iLas Palmas, neGranada, abalandeli bazobe bebheke ngabomvu ukubona uMasterchef epheka futhi.
Kodwa okubalulekile okwamanje wukuthi uSipho Mbule usiphumelele isivivinyo sakhe sokuqala emehlweni abalandeli bePirates.
