AmaZuluEzintsha

UZwane necebo lokukhipha Usuthu ‘egunjini labagula kakhulu’ 

U-Arthur Zwane, ongumqeqeshi waMaZulu FC ngokubambisana noVusimuzi Vilakazi, uthi bayifihlele induku emqubeni  iChippa United abasophe ukuvuka ngayo. 

IChippa ingelinye lamaqembu adlala ibhola elisezingeni eliphezulu kwiBetway Premiership kulezi zinsuku, futhi uZwane uyakwazi lokhu.

Leli qembu elizinze eGqeberha, e-Eastern Cape, liqeqeshwa nguKwanele Kopo elekelelwa uThabo September oliphini lakhe. 

Laba baqeqeshi banolwazi olunzulu ebholeni njengoba bephuma ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt abebesebenza naye kwiSuperSport United.

“Bafike bayishintsha kakhulu indlela yokudlala yeChippa United njengoba isidlala ibhola elidlisela amanye amaqembu ogageni,” kusho uZwane.

“Thina kuzomele siqinise kakhulu ekuvaleni emuva njengoba i-Orlando Pirates isibonisile lapho sibuthaka khona emuva.”

Usuthu luzithole selulandela emuva ngo 2-0 emdlalweni walo wakamuva la lihlulwe khona yiPirates e-Orlando Stadium.  

Manje selubheke ukwenza kangcono kakhulu uma selubhekene neChippa eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili ebusuku. 

AmaZulu FC awakaze enqobe nowodwa umdlalo noma adlale ngokulingana selokhu kuqale le sizini yeBetway Premiership.

Lokhu sekufake leli qembu egunjini labagula kakhulu esibhedlela seligi zisuka nje kodwa uZwane unethemba lokulikhipha kusekuhle nje.