
UKhune uphawula ngabadlali abasha beKaizer Chiefs
Owayengunozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, useveze umbono wakhe mayelana nabadlali abasha abasayinwe lileli qembu.
UKhune ubancomile abanye, wabe esecelela abanye ukuthi babekezelelwe ukuze bazinze kahle bese beveza abakuphethe.
Unxuse abalandeli ukuthi banikeze umgadli omusha uFlavio Silva isikhathi esengeziwe sokuzinza kuleli qembu.
IKaizer Chiefs isimemezele abadlali abasha abayisithupha kuze kube manje njengoba ilihlela kabusha iqembu layo.
Phakathi kwalabo kukhona uPaseka Mako noThabiso Monyane abajoyine besuka kwi-Orlando Pirates, kwathi uSiphesihle Ndlovu wajoyina esuka kwiSuperSport United.
U-Ethan Chislett yena ulandwe e-England, kanti uNkanyiso Shinga yena ujoyine esuka ePortugal.
Umgadli osebhekwe ngabomvu, uSilva yena ulandwe ngemuva kokwenza kahle e-Indonesia ngesizini edlule.
UKhune – osengumhlaziyi kwiSABC Sport – ukholwa ukuthi uMako noMonyane bazokwengeza umfutho wokuwina eqenjini.
Uthi ukuthandile asakubone kuShinga noChislett yize besadlale emidlalweni yobungani kuphela kuze kube manje.
Ukholelwa ukuthi uSilva udinga ukunikezwa isikhathi esengeziwe ngemuva kokuthi ehlulekile ukushaya igoli emidlalweni yokuzilungiselela isizini.
“Uma ukhuluma ngoPaseka Mako noma ngoThabiso Monyane, baletha lowo mqondo wokunqoba abasuka nawo kwi-Orlando Pirates,” kusho uKhune kwiSoccer Zone.
“Futhi ngahlabeke umxhwele kakhulu ngengikubone kuShinga noChislett, kanti kumele sinikeze uSilva ithuba elanele.
“Singaphikisana ngalokhu esikubone emidlalweni ayidlalile kodwa nakanjani usazosikhombisa lokho angakuletha ebholeni laseNingizimu Afrika.”
USilva usevele unengcindezi njengoba abanye abalandeli baMakhosi sebezwakalise ukukhathazeka kwabo ngezinga lakhe.
