
UbaNabise kufanele, bayaganga abadlali beChiefs
UNasraddine Nabi uzifakele ilambu, ngokwesisho sesitsotsi sakudala. Futhi akukhona ukwehluleka kweqembu lakhe ukunqoba imidlalo emithathu kulandelana kuze kube manje kule sizini okwenze lokho.
IKaizer Chiefs inqatshelwe ithuba lokuwina imidlalo emithathu kulandelana ngesikhathi iqhathwe neCape Town City ngoLwesithathu umdlalo waphela kungenagoli nxazonke.
Beyiye kulo mdlalo seyinqobe emibili kulandelana, kanti imimoya ekhempini kukholakala ukuthi ibiisezingeni eliphezulu ngemuva kokunqoba okukhulu kwiStellenbosch FC ngempelasonto.
Amakhosi asebenze kanzima ebhekene neqembu leStellies elinenkani futhi akwazi ukunqoba ngo 3-1.
Njengoba iCity yayibashaye ngo 1-0 emlenzeni wokuqala eKapa, bese kuyisikhathi sokuziphindiselela.
Kodwa akubanga njalo. Indlela eyihlazo yabadlali abahlaselayo beChiefs abadlale ngayo, beshweba inqwaba yamathuba imcobe amathambo uNabi.
Futhi uNabi akazange azibambe engxoxweni yakhe yangemuva komdlalo, wagxeka abadlali beKaizer Chiefs ngokungabi sezingeni elifanele leli qembu.
Iphuzu elilodwa engiliqokile, abelokhu eligcizelela ukuthi abadlali kumele bakhumbule ukuthi badlalela iqembu elikhulu njengoba bekwiKaizer Chiefs.
Futhi lokho kuyiqiniso kakhulu. Kodwa ingabe icala akufanele liye kubaphathi ngokuqasha abadlali abajwayelekile abangenawo umoya wokudlalela iqembu elikhulu?
UNabi angase athi kamuva ubekhungathekile ngomphumela, yingakho ekhulume kabi ngabadlali bakhe esidlangalaleni.
SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
Akujwayelekile ukuthi umqeqeshi agxeke abadlali bakhe esidlangalaleni, kanti uNabi kungenzeka ukuthi weqe umugqa ongekho omunye umqeqeshi owake wawulokotha.
Kodwa bese kufanele. Abadlali bahlale bevikeleka uma bengadlali kahle, kusolwe umqeqeshi ngemiphumela uma imibi, kunconywe abadlali uma imihle.
UNabi ubeshilo ngesikhathi kulungiselelwa lo mdlalo ukuthi kunabadlali abahlanu noma abayisithupha kuphela abasezingeni alifunayo kwiKaizer Chiefs.
Kungenzeka ukuthi uzimbele igoli lakhe ngoba siyazi ukuthi abadlali baseNingizimu Afrika bantekenteke kangakanani, futhi bangase basebenzise i-‘player power’ ukuthi bamxoshise emsebenzini.
Kodwa kuyobe bazigwaze ngowabo abaphathi beChiefs uma bekuvumela lokho ukuthi kwenzeke.
Ngikholwe, angiyena umlandeli kaNabi futhi ngikholwa ukuthi unayo lento ekhethekile edingeka kumqeqeshi weKaizer Chiefs, kodwa akushilo bekufanele kushiwo.
Futhi ngalokho, ngiyamncoma futhi ngithi awushe umtalabho! Banabise Mnabisi!
