Ezintsha

Izovulwa ngePremier’s Cup inkundla yeRichards Bay

Lo mqhudelwano wezinsuku ezimbili uzokwethula umbukiso othokozisayo wethalente lebhola esifundazweni.

Lo mqhudelwano ophethwe ngaphansi kobuholi bukaNdunankulu uThamsanqa Ntuli noMphathiswa wezeMidlalo, uMntomuhle Khawula, uzokwethulwa ngokusemthethweni ngoLwesibili.

Ngesikhathi sokwethulwa kwawo, kuzoqinisekiswa amaqembu azoqhudelana kuwo bese eyaqhathwa.

Lo mqhudelwano usebenza njengenkundla yokulungiselela isizini kumaqembu e-PSL azinze eKZN. 

Uhlelo lwalo nyaka lunokubaluleka okwengeziwe, ngokusho kwabahleli balo mqhudelwano.

Umhlathuze Sports Complex — esanda kulungiswa kabusha yiyo ezosetshenziselwa lo mqhudelwano ngoJulayi 26 no-27.

Lokhu kuzophawula imidlalo yokuqala esemthethweni kule nkundla selokhu ilungiswe kabusha ukuze ihambisane namazinga afunwa yi-PSL.

Le nkundla iyikhaya leRichards Bay FC, kodwa beyiphoqelekile kulamasizini amabili edlule ukuthi iyidlalele eThekwini imidlalo yasekhaya.

Lo mqhudelwano uhlanganisa amakilabhu azinze eKZN adlala ezigabeni zePSL – okuyiBetway Premiership neMotsepe Foundation Championship.

Amaqembu asuke ezwana amandla, esizana ukulungiselela isizini entsha. 

Inhloso kusuke kuwuwakha umfutho emaqenjini nakubalandeli ngaphambi kokuqala kwesizini.

Njengoba abalandeli kulindeleke ukuthi bathutheleke ngobuningi kule nkundla, i-KZN Premier’s Cup izovezela abalandeli ukuthi amaqembu abo akuliphi izinga.