
UKhune kumele abhekane neqiniso – Baloyi
- Intatheli yeLISENETHINI
UBrian Baloyi useveze ukuzwelana kwakhe no-Itumeleng Khune njengoba esalangazelela ukuqhubeka nokudlala, kodwa weluleke lo nozinti ukuthi amukele iqiniso.
UBaloyi uthe wukwehlelwa yifomu okwenze akangadlala njalo kule minyaka embalwa edlule yikho okwenze kwaba nzima ukuthi elulelwe inkontileka kwiKaizer Chiefs.
Lezi zinkunzi ezizinze eNaturena, eSoweto zidedele lo nozintii ekupheleni kwesizini edlule, zathi kumele ayeke manje ukudlala.
“Eminyakeni emihlanu edlule, ngicabanga ukuthi udlale imidlalo engaphansi kuka-50,” kusho uBaloyo kwabeSowetan.
“Ubenezinselelo zokuqina komzimba, ukukhuluphala nakho konke lokho…
“Ngiyamzwela, ungumfana wami futhi bengifuna aye phesheya kwezilwandle.
“Kodwa manje kunezici ezibhekene naye. Kumele azibuze ukuthi ngabe umzamo awenzile kule minyaka emihlanu edlule uyayifanele yini enye inkontileka.
“Kufanele athi, ‘Ngabe ngenze okwanele?’ Kufanele azitshele yena amaqiniso.”
UKhune, oneminyaka engu-37, uphinde waqinisekisa emcimbini wabezindaba ngeledlule ukuthi akakaliyeki ngokusemthethweni ibhola.
Uzwakalise isifiso sokudlala aze abe okungenani neminyaka engu-40, wathi uzozama emaqenjini angaphandle kwakuleli.
“Kuyiqiniso ukuthi abanye onozinti abafana noPeter Shelton (wase-England owathatha umhlalaphansi eseneminyaka engu-47), uGigi Buffon (othathe umhlalaphansi eseneminyaka engu-45 ngonyaka odlule) ngisho no-Andre Arendse badlale kahle kwaze kwaba baba ngale kweminyaka engu-40.
“UDenis Onyango (weMamelodi Sundowns) mdala (una-39) kunoKhune futhi usadlala.
“Kodwa abaqeqeshi beChiefs banengcindezi. Abakwazi ukuzifaka engozini ngomdlali ongazange adlale kangako kule minyaka emihlanu edlule.
“Kuyinselelo kuKhune ngoba kungase kusho ukuthi kufanele aye eqenjini elincane futhi nalapho, kuzomele akhombise ukuqina kwakhe,” kuqhuba uBaloyi.
UBaloyi, owayengukaputeni weSundowns neChiefs, naye wathatha umhlalaphansi eneminyaka engu-37 ngo-2011.
“Ukwamukela ukuthi isikhathi sakho sesiphelile akulula. Ngaphuthelwa ukuqokelwa eqenjini elalizodlala kwiNdebe yoMhlaba ka-2010 ngaphetha ngokuthi akukho engingasakudlalela.
“Ngenza isinqumo. ENingizimu Afrika abadlali abaningi abayeki ngokuzikhethela. Akumenyezelwa nokumenyezelwa.
“Ngingenza izibonelo eziningi ezifana noShabba (Siphiwe Tshabalala), uMorgan Gould nakhu manje sekungu-Itu.
“Kunzima ukusuka ukuyeka ukudlala useneminyaka eko-30 uma ibhola kuyiyona kuphela into oyaziyo.
“Ezemidlalo azibahlomisi abadlali ukuze bazilungiselele ukuthi bamukele uma sekufike la kumele bayeke khona ukudlala.
“Ukwelulekwa kuyadingeka ukuze abadlali bamukele ukuthi isikhathi sesishayile,” kusho uSpider Man.
