
Iyaqina ekaMaMkhize nebhola laseSwatini
UShauwn “MaMkhize” Mkhize usephinde waba sematheni — kanti kulokhu kubikwa ukuthi usebheke udumo ngale kwemingcele yaseNingizimu Afrika!
Usanda kuhluleka ukuthola igunya lokuthenga iMoneni Pirates ngenxa yezimiso zeqembu zokuthi lingelomphakathi“leqembu lomphakathi, futhi ngeke liphathwe wumuntu wangaphandle.
Manje u-MaMkhize kubikwa uuthi usebheke ukungena kwelinye iqembu elikhulu Eswatini.
Kukholakala ukuthi usezingxoxweni zokuthatha iqembu elithathwa njengamakhosi ebhola Eswatini, iMbabane Highlanders.
“Yebo, ubelapha Eswatini,” esinye sesikhulu zebhola kuleli zwe elingomakhelwane sicashunwe sisho kanje kwiSoccer Laduma.
“Ubenengxoxo nabadala beqembu ukuthi athathe izintambo kuBheki ‘Rubber’ Simelane. Izingxoxo ziyaqhubeka futhi zibukeka zizinhle.”
IMbabane Highlanders — elinye lamakilabhu anomlando Eswatini — ingaba umbuso omusha webhola kaMaMkhize uma isivumelwano sifezeka.
Nokho, kusengaba khona izithiyo ezingavuka, ziphazamise lesi sifiso sakhe.
“USimelane yena ngokwakhe usafuna ukuphatha ikilabhu,” kuqhuba umthombo. “Konke kuzoncika kwisinqumo esizothathwa ngabadala beqembu.”
Kodwa uSimelane yena uzwakale esekulungele ukwehlela ngezansi, adedele lesi siqumama saseThekwini siphathe ikilabhu.
“Kuyiqiniso. Abadala bafuna uMaMkhize athathe izintambo,” uso kanje kwiSoccer Laduma.
“Kuyishwa ngemuva kwakho konke engikwenzile, kodwa uma engabuyisela iklabhu ezinsukwini zayo zenkazimulo, ngiyameseka.”
U-MaMkhize, obephetha iRoyal AM — ungumuntu ovamise ukulandelwa wukunakwa kusukela empilweni yakhe yobukhazikhazi kuya embangweni wakhe wentela neSARS — akakaphawuli ngokusemthethweni.
Kodwa uma lokhu kugcina ngokwenzeka, kunganyakazisa ibhola laseSwatini futhi kuqale isahluko esisha sika-MaMkhize kuleli zwe.
Ngabe ekunendlovukazi entsha ezobusa ebholeni laseSwatini? Kuzozwakala ngokuhamba kwesikhathi.
