
UBobby Motaung engozini yokudlelwa amasheya eKaizer Chiefs
Imenenja ye-Kaizer Chiefs uBobby Motaung ubhekene nokudliwa kwempahla yakhe ngemuva kokuhluleka ukukhokha imali engaphezu kuka-R4.5 million ayikweleta inkampani yaseGoli.
I-Pent Up Investment CC ifake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseGoli, ifuna kudliwe impahla kaMotaung ukubuyisa imali ayikweleta yona.
Le nkampani ifuna kuqokwe ozophenya ngempahla kaMotaung, okuhlanganisa namasheya akhe kwi-Kaizer Chiefs.
Ngokwencwadi efungelwe yomphathi wePent Up Investment uCostas Couremetis, lesi siga sisukela esivumelwaneni sokuthengiselana umuzi sango-2009.
UBobby Motaung wayevumile ukuthenga indawo yebhizinisi eMondeor, eGoli, ngo-R9 million.
Ukudayiselana bekuphakathi kwenkampani yakhe, iLakeshore Trading 224, nePent Up Investment.
UBobby Motaung kuthiwa wehlulekile ukukhokha yonke imali, okwaholela esinqumweni senkantolo sangoNovemba 2009 esasimyalela ukuthi akhokhe lesi sikweletu.
Eminyakeni engu-14 edlule, kube nemihlangano eminingana futhi kwakhona namacozucozu akhokhwayo.
Kodwa kuze kube manje, uMotaung usakhokhe u-R6 million.
Kodwa-ke, uCouremetis uthi kusukela ngoJanuwari 2024, uMotaung usakweleta imali engaphezu kuka-R4.3 million.
Usola uMotaung ngokuphila impilo ewubukhazikhazi bese engasinaki isikweletu.
“Ushayela iBentley, uhlala eHoughton, ugqoka izingubo ezibizayo namawashi kanokusho…
“Kodwa akakwazi ukukhokha lesi sikweletu esinesikhathi eside,” kusho uCouremetis kwiSunday World.
Wengeze ngokuthi uMotaung usebenzise iholo lakhe ukukhokhela abanye abakweletwayo, okuyisenzo sokungabi namali.
Ukholwa ukuthi unani lezimpahla zikaMotaung zingaphezulu kwezikweletu zakhe.
Yingakho efuna kuqokwe ozoqoqa ahlanganise yonke impahla yakhe ukuze idayiswe bese kukhokhwa lesi sikweletu.
UBobby Motaung, nokho, uthi lolu daba lwaxazululwa eminyakeni edlule futhi uthi leli cala lamanje yinto engathi shu.
UCouremetis ugcizelela ukuthi izinkinga sikaMotaung zokuthi aze adlelwe impahla zidalwe yizinqumo zakhe nokuthanda impilo yobukhazikhazi.
Uma limudla icala, uBobby Motaung uzolahlekelwa amandla okuzilawulela izikweletu zakhe nokuthi uzikhokha kanjani.
Namasheya akhe kwiKaizer Chiefs, asengcupheni yokuthi adayiswe ukuze kukhokheke le mali esele.
