
‘Uziqhathe nomkakhe’ uKeet ekhalela iCT City
Bekuwusuku olumqoka ngokuphindiwe kunozinti weCape Town City ngesikhathi beedlala umdlalo wabo wokugcina kwiBetway Premiership.
ICape Town City isebenze kanzima, uDarren Keet evimba amabhola anzima ukusiza ezakhe zingangenelwa goli zibhekene neStellenbosch FC.
IStellies beyilwela ukuqinisekisa ukuthi iqeda endaweni yesithathu kwilogi, kanti iCity beyifuna ukusuka kweyezembe.
Nokho izinto zibhimbile kwiCity, yagcina iqede endaweni ka-14. Nokho isangehlela kweka-15 bese iya kweyokuhlunga.
Lokhu kungenzeka uma iSuperSport United inqoba emdlalweni wayo wokugcina neGolden Arrows ngoLwesibili.
Lo mdlalo wamiswa uphakathi ngenxa yokucima kwezibani eLucas Moripe Stadium ngenyanga edlule.
Kwakusadlalwe isiwombe sokuqala kuphela, futhi zibambene ngo 1-1 kanti kuzoqhutshekwa nesiwombe sesibili.
UDarren Keet ubedlala umdlalo wakhe ka-100 kwiCity ayijoyine ngo-2021 ngemuva kokubuya phesheya.
Ekhuluma ngesikhathi enikwa indondo yokuba nguMdali oVelele neyokumbonga ngale midlalo yakhe, uvele wahlihla isililo.
“Ngiyabonga kakhulu. Kuzima. Ukudlala ngokulingana akuwona umphumela omubi,” kusho uKeet.
“Kodwa besidinga ukunqoba. Yilokho ebesikufuna kakhulu kodwa akwenzekanga namuhla.
“Yisimo esingesihle lesi esikuso, ngakho kuzomele sizimisele ngokulwa – silwile nanamuhla.
“Bekunzima ngoba bekumele sigxile kulo mdlalo, sizame ukushiya ngaphandle konke okunye.
“Ngokomqondo kuyagqilaza impela kodwa ngokokusebenza enkundleni ngicabanga ukuthi sisebenze kahle.”
Ube esenikwa ijezi elibhalwe igama lakhe nenombolo 100 ngemuva elenziwe kahle njengendlela yokumhlonipha.
Kulapho kuvuke khona umunyu kuye, wavele wachiphiza izinyembezi.
“Njengamanje, njengoba ngilana nje, lokhu akusho lutho kimi,” uphendule kanje ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngalo mlando.
“Ngingancamela ukuthi sibe sendaweni ephephile kunokuthi… (ube esekhala, ehluleka ukuqhubeka nokukhuluma).
“Umndeni wami uhlezi unami… Ngiyazi ngizoba senkingeni kumkami ngalokhu ngoba angizange ngikhale mhla sishada,” kusho yena ezama ukumoyizela.
“Umkami uhleziengeseka… Kodwa njengamanje, ngingaqoka ukuthi le kilabhu isinde ezembeni kunalo mlando wami ngedwa.”
