EzintshaMamelodi Sundowns

UDoctor Khumalo uhlonza okubhacazise iSundowns

IMamelodi Sundowns idlale ngokulingana ngo 1-1 nePyramids emlenzeni wokuqala womdlalo wamanqamu weCaf Champions League eLoftus Stadium. 

Umhlaziyi weSABC Sport, uDoctor Khumalo, ukholwa ukuthi uThemba Zwane ubezokwenza iSundowns ilawule kulo mdlalo futhi ithole umphumela ongcono.

ISundowns ihlale emuva yazama ukuzivikela ngasekupheleni komdlalo ngemuva kokuthi uLucas Ribeiro eyibeke phambili ngegoli alishaye ngomzuzu ka-54.

IPyramids ithole igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-94, okuqanisele iSundowns izinto emlenzeni wesibili ekuhambeni e-Egypt.

Ukuma kwezinto njengamanje kuvuna iPyramids eshaye igoli lasekuhambeni, kanti iSundowns kuzomele isebenze kanzima ukuze inqobe. 

“ISundowns ibidinga umdlali obezolawula isivinini somdlalo ngoba beyisihamba phambili,” kusho uDoctor Khumalo.

“Ngakho ukuninikezela ngebhola kalula bekuyingozi, nokugxila ekuvaleni emuva. 

“Bebevala kakhulu emuva ngoba bebehamba phambili, iPyramids ibijaha umdlalo. 

“Kodwa ubani ophakathi nendawo ukuze bakwazi ukwenza lokho? 

“Babedinga uThemba Zwane obezokwazi ukuba nalowo mdlalo, ahlanganise amaphasi ngokudlala inikanika.”

UMshishi, okuyigama uZwane aziwa ngalo ebholeni ubekhona ebhentshini kodwa akazange anikwe ithuba lokudlala. 

Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso usivikele isinqumo sakhe sokungamsebenzisi uZwane onekhono namava amahle. 

“Siphatha uThemba Zwane njengabo bonke abanye abadlali. Wonke umuntu ubefuna ukuba yingxenye yalo mdlalo,” kusho uCardoso.

“Izinqumo esizithathile bekungezokugcina iqembu libhalanse kahle. Sibone ukuthi abadlalayo yibona abafanele kulo mdlalo.”

UCardoso uthe usebuzwa ngoZwane ngoba nakhu kube negoli elingene ngomzuzu wokugcina womdlalo.

“Uyazi, ibhola limnandi kodwa libuye libe nesihluku ngesikhathi esifanayo,” kwengeza uCardoso. 

“Umzuzwana nje owodwa ngomzuzu wokugcina kulo mdlalo yiwo osuguqule indlela enicabanga ngayo ngathi sonke nezinqumo esizithathule.”