
Chiefs v Sundowns: UDа Cruz uveza umehluko
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs uFernando Da Cruz useveze umehluko omkhulu phakathi kweqembu lakhe neMamelodi Sundowns ngaphambi komdlalo wabo weBetway Premiership eFNB Stadium.
UDa Cruz uthi iSundowns yiyo enethuba elihle lokunqoba ngoba ineqembu elijwayelene kakhulu neselidlale ndawonye isikhathi eside.
Uphinde waveza ukuthi umqeqeshi wayo usenesikhathi eside esebenza nabadlali.
Kodwa yena usaqala ukwakha iqembu leChiefs nokufaka indlela yakhe yokudlala.
“Umehluko phakathi kweChiefs neSundowns ukuthi abadlali beSundowns sebenesikhathi eside bedlala ndawonye,” kusho uDa Cruz.
“Nomqeqeshi wabo usenesikhathi eside ekhona. Mina ngisanda kufika futhi ngisazama ukugxilisa indlela yami yokudlala.
“Abadlali bayiqonda kahle, kodwa sidinga isikhathi. Ngakho kuzoba izindlela ezimbili ezahlukene zokudlala.
“Kodwa ningakhathazeki, iqembu lizobe likulungele ukudlala kulo mdlalo.”
UFernando Da Cruz uphinde wathi ujabule ngendlela i-Kaizer Chiefs ebiphethe ngayo umdlalo emidlalweni yayo emibili yokuqala.
Kodwa ulindele ukuthi izinto zihluke uma sebebhekene neSundowns ngoMgqibelo.
“Kusukela kuqale isizini, ngijabule kakhulu ngendlela esiphathe ngayo umdlalo,” kusho yena.
- FUNDA NALA | UMiguel uncoma uMcCarthy nokwenza ahluke
“Besiphethe ibhola kakhulu kunezimbangi zethu. Kodwa mhlawumbe ngoMgqibelo kuzohluka.
“Ngezinye izikhathi sidinga nokugcina ibhola kulo mdlalo.”
Ibophele kanje iChiefs: Petersen (C), Monyane, Kwinika, Miguel, Moloisane, Maboe, Mthethwa, Ndlovu, Mmodi, Baartman, Phili.
Ebhentshini: Leaner, Solomons, Mtasingwa, Velebayi, Shabalala, Vilakazi, Ngcobo, Chislett, Duba.
ISundowns ibophele kanje: Williams (C), Kekana, Johannes, Mudau, Modiba, Aubass, Allende, Mkhulise, Van Wyk, Matthews, Leon.
Ebhentshini: Goss, Mvala, Lunga, Ndlovu, Kekana, Zwane, Mokoena, Mailula, Mothiba.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
