DStv PremiershipEzintsha

Ukhala nokudelelwa usihlalo weRichards Bay

  • Sibongiseni GUMBI

Sekuqubuke izinsolo zokuthi uBiyela usephenduke isithusanyoni nje, njengoba kusolwa ukuthi sekukhala isicathulo sabaxhasi abasha bale kilabhu, iPhakwe Gas.

Lawa mahlebezi ashube ngemuva kokuthi isikhulu sePhakwe Gas, uThabiso Tenyane, siveze ukuthi iqembu lizofuna umqeqeshi omusha, yize iRichards Bay ibisanda kwelula inkontileka kaVusumuzi Vilakazi. 

UVilakazi uxoshwe ekuqaleni kwesonto, esikhundleni sakhe kwangena uBrandon Truter ngemuva kwezinsuku ezimbalwa.

Ngaphezu kwalokho, imithombo yeLisenethini ithi uBiyela usedayisele uTenyane u-80% wamasheya akhe, okumenza abe asale no-20% kuphela weqembu.

Nokho uBiyela uzichithile lezi zinsolo ngesikhathi enengxoxo emsakazweni Ukhozi FM kuleli sonto, wathi usezibambele mathupha ezindabeni zeqembu. 

“Kumele ngisho ukuthi ngisaphethe le kilabhu. Abaxhasi abanalo izwi ezindabeni zeqembu. Izinqumo ngizithathela ngokwami,” kusho uBiyela.

Uzwakalise ukuzizwa edelelekile futhi ebukelwa phansi ngala mahlebezi, egcizelela ukuthi abaxhasi abazibandakanyi nezinqumo zeqembu. 

“Abaxhasi abamazi ngisho uBrandon Truter nomqeqeshi uVusi Vilakazi. 

“Yimina ophethe izindaba zeqembu,” kwengeza uBiyela eqinisekisa ukuthi kusakhala esakhe isicathulo.