
Okwenza uKhanye ayingabaze iKaizer Chiefs kweseligi
Yize iKaizer Chiefs seyiphinde yabuyela endaweni yesibili kwilogi yeBetway Premiership, uJunior Khanye uthi akayibali yena emaqenjini alwela lesi sicoco.
Amakhosi anyukele endaweni yesibili ngemuva kokushaya iMarumo Gallants ngo 1-0 kuleli sonto.
Ukunqoba kwawo – obese kungokwesibili kwiligi kulo nyaka – kubuyise amathemba okuthi kungenzeka igile izimanga ngokudla lesi sicoco.
Nokho uKhanye yena akachazekile neze. Empeleni nje uthi le nhlanhla enayo yokunqoba ngo 1-0 ngeke iyilondoloze kuze kube sekugcineni.
“Mina ngeke ngiyibale iChiefs lapho. Usemningi umsebenzi okumele wenziwe kuyo,” kusho uJunior.
“Kunesisho esithi indlela odlala ngayo yiyo onqoba ngayo – lokho ngizolokhu ngikuphindaphinda nje.
“Uma uzonqoba ngenhlanhla… uyabona leli goli abalishayile – yebo bawatholile amaphuzu – kodwa angiboni ukuthi engaliphinda ngelinye ilanga uLilepo.”
Ube eseqhathanisa iKaizer Chiefs namaqembu enawo emjahweni wesicoco seligi ikakhulukazi iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.
“Ngeke. I-Orlando Pirates yiyona edlala ibhola elihle futhi ehlaselayo njengamanje kwiligi.
“ISundowns iphethe abadlali abanamava asebeyinqobe kaningi iligi. Ngakho ungaqiniseka ukuthi unombolo 1 nonombolo 2 uzophuma kulabo.
“IChiefs angiyibali lapho. Lapha sikhuluma ngamaqembu anabadlali beqembu lesizwe – iPirates neSundowns.
“Bangaki kwiChiefs abadlali beqembu lesizwe? Kuzoba nzima kuyo. Ngakho iligi ibangwa yiPirates neSundowns.”
Kungenzeka ke kusongwe leli sonto iKaizer Chiefs seyibuyele endaweni yesithathu kwilogi njengoba iqhubeka imidlalo yeligi.
Yona izobe idlala kwiCaf Confederation Cup kule mpelasonto njengoba yemukela iZesco United yaseZambia eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngeSonto.
FUNDA NALA | UMasilela uveza okumkhathaza ngoMayo kwiChiefs
IPirates yona idlala oweligi neMagesi FC e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo kanti uma inqoba izobe seyibuyela endaweni yesibili noma yokuqala.
Ukuthi iya kuyiphi indawo kuzoncika ekutheni uma inqoba izoshaya amagoli amangaki kulowo mdlalo.
