
UMasilela uveza okumkhathaza ngoKhanyisa Mayo kwiChiefs
Ingwazi yeKaizer Chiefs, uTsepo Masilela, seyivele ukukhathazeka ngoKhanyisa Mayo ongumgadli kuleli qembu laseNaturena.
UKhanyisa Mayo ujoyine iChiefs ngokubolekiswa esuka kwiCR Belouizdad yase-Algeria ngasekuqaleni kwale sizini.
Bekubhekwe lukhulu kuye kwazise bekuwukufezeka kwephupho lakhe ukuthi adlale kuleli qembu uyise uPatrick azakhela kulo igama.
Nokho izinto azimhambeli ngendlela obekubhekwe ngayo futhi uMasilela useveze ukuthi uyamzwela lo mgadli.
“Ngikhathazekile kancane ngoMayo,” kusho uMasilela kwiPodcast yeSoccer Beat ngemuva komdlalo wangoLwesithathu.
UKhanyisa Mayo uwuqalile lo mdlalo iChiefs ewunqobe ngo 1-0 ishaya iMarumo Gallants kodwa ukhishwe ungakapheli njengoba bekungamhlanganeli kahle.
“Angazi yini… Kodwa kukhona into engahlangani kahle ngaye – engamhambeli nje kahle.
“Okukhathazayo wukuthi ufike ngokubolekiswa kanti uma kunjalo kuncika ekutheni udlala kanjani ukuthi asayinwe ngokugcwele.”
Into abalandeli abasamkhumbula ngayo uMayo yishwa akaba nalo ethinta ibhola likaPule Mmodi seliyongena enethini, ekubeni yena usendaweni engamfanele.
Unompempe wabe eselichitha lelo goli elalizosiza Amakhosi anqobe umdlalo bese eqoqa amaphuzu amathathu abalulekile.
Ngesikhathi engajabule ngoMayo, uMasilela uveze ukweneliseka ngokusebenza kwesitobha esisesincane u-Aden McCarthy.
“Ngicabanga ukuthi uMcCarthy udlale kahle kakhulu,” kuqhuba le nkakha eyayiseqenjini leBafana Bafana leNdebe yoMhlaba ngo-2010.
FUNDA NALA | Usekhululiwe e-Europe obehalelwa yiKaizer Chiefs
“Indlela abemaka ngayo ikakhulukazi kuleliya bholalokugcina alivimbile selibheke enethini, wenza ikhona.
“Kungenzeka aninakanga kodwa lowa mnyakazo wakhe kungenzeka yiwona obanqobise amaphuzu amathathu kulowa mdlalo.”
