UMorton uphawula ngoSirino, ‘ungumdlali wokuchoma’
- Sibongiseni GUMBI
Lowo owayengumdlali we-Orlando Pirates uMichael Morton useveze imicabango yakhe ngomdlali obhekwe ngabomvu weKaizer Chiefs, uGaston Sirino.
UMorton, osedlala kwiCape Town Spurs, uchaze uSirino njengomdlali osezingeni eliphezulu kodwa ongowokubukisa nje, iChiefs engakwazi ukuqhubeka ekhona noma engekho.
Uveze ukuthi uSirino udinga ukuthi ozakwabo basebenze ngokuzikhandla bamlethele ibhola bese yena ezenzela umathanda enkundleni.
“Ngokwami, ungumdlali osezingeni eliphezulu ongaba naye ngoba uthandakusho uMorton kwi-podcast yeSoccer Beat.
“Futhi inqobo nje uma ozakwabo abangu-10 bezimisele ukufaka amandla engeziwe, lokhu kungasebenza.
“Ngaphandle kwalokho, kufanele iqembu lithwale umdlali ongazinikelo kangako uma iqembu limaka.”
USirino ujoyine iChiefs ngemuva kokuthi inkontileka yakhe neMamelodi Sundowns ingavuselelwanga.
Ngesikhathi sakhe seminyaka eyisithupha e-Chloorkop, lo mdlali odabuka e-Uruguay ubengumdlali obalulekile empumelelweni yeqembu.
USirino udlale imidlalo engu-160 kwiSundowns, washaya amagoli angu-40 , wakhela ozakwabo angu-38.
Unqobe izicoco eziningi neqembu, okuhlanganisa nezicoco zeligi ezinhlanu kulandelana neseCaf Champions League ngo-2016.
Manje usekwiChiefs kanti kuzolindelwa lukhulu kuSirino njengoba eza nesipiliyoni nekhono lakhe elihlukile kuleli qembu laseNaturena.
OLUNYE UDABA: U-Allende uphefumula ngokugajwa kweyePSL
Nokho, ukuphawula kukaMorton kugqamisa inselelo ezobhekana noNasreddine Nabi yokuhlanganisa uSirino nozakwabo.