
Ukhala ngomusa kwiPirates ‘enikela’ ngamaphuzu
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uSihle Nduli uthi leli qembu liwakhiphe esesesikhwameni amaphuzu amathathu qede lanikela ngawo libhekene noMarumo Gallants.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi amaBhakabhaka ehlulwe ngo 2-1 yiBahlabane Ba Ntwa emdlalweni weBetway Premiership obudlalelwa eDr Molemela Stadium eBloemfontein ngoLwesibili.
Bekungokwesibili kulandelana iPirates ihlulwa emidlalweni yeligi ngemuva kokuhlulwa ngo 1-0 yiSekhukhune United emdlalweni wayo wokuvula isizini.
UNduli, obebambisene no-Abdoulaye Mariko maphakathi nenkundla esiswini kwiPirates, ukholwa ukuthi ngamathuba abawakhile, bekumele bawunqobe kalula umdlalo.
“Ngicabanga ukuthi siwuqale kahle umdlalo futhi sakha amathuba amaningi, kodwa sashaya igoli elilodwa kuphela.
“Ngamathuba esiwakhile, umdlalo bekumele siqede ngawo ngesiwombe sokuqala. Siwalahle thina amaphuzu amathathu.
“Singenelwe amagoli awubuwula nje,” kusho uNduli osayine kwiPirates esuka kwiStellenbosch FC.
IPirates iyiqale budedengu isizini yeBetway Premiership ka-2025/26 izilethela ingcindezi zisuka nje ngaphansi komqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou.
FUNDA NALA | UMofokeng usesayine kwiChiefs
Emdlalweni olandelayo, iPirates izobhekana neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala wemidlalo eyamanqamu kwiMTN8.
Izobe isekhaya e-Orlando Stadium ngoMgqibelo kanti okunye ukuhlulwa kulo mdlalo kungase kumfake ingcindezi enkulu noma okubi nakakhulu, angase akhonjwe indlela u-Ouaddou.
