EzintshaOrlando Pirates

UJosephs uxwayisa u-Ouaddou ngesici sePirates

Yize i-Orlando Pirates iqale kahle kakhulu kule sizini, uMoeneeb Josephs usepopole indawo ekhathazayo ngaleli qembu lakhe lakudala.

Leli qhawe lakuqala lamaBhakabhaka likholwa ukuthi u-Abdeslam Ouaddou kumele asebenze kakhulu ekusebenziseni amabhola abekwe phansi.

IPirates ilishintshe kakhulu iqembu ngemuva kokulahlekelwa ngabadlali ababalulekile ngesizini edlule.

Naphezu kwalokho, iBHakabhaka liqhubekile nokukhombisa amandla ekuqaleni kwesizini.

IPirates isifinyelele kowamanqamu kwiMTN8. Leli qembu liphinde laqhubeka nefomu enhle kwiBetway Premiership.

NgoLwesibili, lishaye iKruger United ngo 4-0 eMbombela Stadium ukuze liqhubeke nokuqhwakela.

I-Orlando Pirates isiwine imidlalo emine yadlala ngokulingana kowodwa emidlalweni yayo emihlanu yeligi.

Isishaye amagoli angu-12, yangenelwa elilodwa nje kuphela.

Kodwa uJosephs ukholwa ukuthi kunendawo edinga ukunakwa.

Ekhuluma kwiSoccerbeat, lo nozinti wakudala ukhombe inkinga yamabhola abekwe phansi.

“Akuyona inkinga yalo nyaka noma yonyaka odlule,” kusho uJosephs.

“Inkinga yama-set pieces ikhona kwi-Orlando Pirates kusukela kudala.

“Minyaka yonke siyayisho le nto. Ingenye yezinto ezisikhathaza kakhulu.”

UJosephs uthi iPirates icishe yajeziswa yile nkinga ngesikhathi ibhekene neKruger United.

Ubalule indlela umdlali weKruger abethatha ngayo amabhola aphoswayo kube ngathi uwakhahlelile bese eba yingozi.

“Lo muntu weKruger ubevele kube ngathi ulugobe ngonyawo ibhola uma eliphosa,” kusho yena.

“Bekungathi ushaya amakhona.” UJosephs ugcizelele ukuthi lolu daba kumele lubhekwe yi-Orlando Pirates.

Uthi le nkinga bekukhulunywa ngayo njalo, ngisho nangesikhathi kwayena esadlala.