
UYanela Mbuthuma uphawula ngokuhalelwa kwakhe yiChiefs
Umdlali okunamahlebezi okuthi usohlwini lwabafunwa yiKaizer Chiefs, uYanele Mbuthuma, usephawulile ngalokhu.
UYanela Mbuthuma usanda kusayina inkontileka entsha kwiRichards Bay njengoba bekunamahlebezi okuthi ufunwa yiKaizer Chiefs ngesizini ezayo.
“Angikunaki lokho kakhulu ngoba ngidlalela ukujabulisa abantu, hhayi ngoba ngifuna ukujabulisa amaqembu amakhulu,” kusho uMbuthuma kwiFARPost.
“Okwamanje, lokho akukho engqondweni yami. Ngisalungile kwiRichards Bay, ngakho-ke ngingavele ngizibonakalise nakakhulu.”
Lo mgadli oneminyaka engu-23 ubudala ushaye amagoli ayisithupha kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini kwiNatal Rich Boyz.
Uveze nokuthi ukubizelwa eqenjini lesizwe, iBafana Bafana kummangazile kwazise ubengakakulindeli.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi nginikezwe ithuba, ngabizelwa eqenjini lesizwe,” kusho uYanela Mbuthuma.
“Ngifuna nje ukushaya amagoli amaningi ukuze ngithuthuke kakhulu futhi ngikhule njengomgadli.
“Ngathuka kakhulu lapho ngithola leli thuba ngoba ngangingalilindele.
“Ngesikhathi ngiqala ukudlala ibhola, ngangingakaze ngicabange ukuthi ngingafika kuleli zinga.”
IChiefs ibheke ukuqinisa isikwati sayo ngaphambi kwesizini ezayo, ngemuva komkhankaso ophoxekile weBetway Premiership.
Leli qembu likaNasreddine Nabi liqede endaweni yesishiyagalolunye kwilogi, laphuthelwa yindawo kwiMTN8 ngesizini ezayo.
IChiefs beyibuthuntu kakhulu phambili njengoba beyingenaye umgadli engathembela kuye ngamagoli.
Kucacile ukuthi leli qembu laseNaturena kufanele liqinise kakhulu phambili ukuze likwazi ukushaya amagoli amaningana.
Ngesizini edlule ishaye amagoli angu-25 kuphela emidlalweni engu-28 yeligi.
Kube yiRichards Bay egcine ingene kwayisishiyagalombili abahamba phambili ngesikhathi ishaya iSuperSport United ngo 2-0 emdlalweni wayo wokugcina.
UYanela Mbuthuma washaya elinye lalamagoli eyanqoba ngawo iRichards Bay kulo mdlalo.
