
UJose Riveiro uveza okumjabulisa kakhulu ngePirates
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro ujabule ngendlela abadlali bakhe abakwazi ukumelana ngayo nazo zonke izinkinga abahlangabezana nazo enkundleni.
UJose Riveiro, osezinyangeni ezintathu zokugcina eqeqesha i-Orlando Pirates, uthe uneqembu labadlali abasezingeni eliphezulu.
Ubekhuluma ngemuva kokuthi i-Orlando Pirates ishaye iMarumo Gallants ngo 1-0 ukuze idlulele kowamanqamu kwiNedbank Cup.
UKabelo Dlamini ushayele iPirates igoli enqobe ngalo e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.
Manje isizobhekana nezimbangi zayo ezinkulu, iKaizer Chiefs kowamanqamu ngoMeyi 10 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Sihalalisela abadlali. Sebedlale imidlalo emithathu yamanqamu esikhathini esiyizinsuku eziyisikhombisa,” kusho uJose Riveiro.
“Bakwazile ukukhombisa ukuqina ukuze badlule ezinkingeni zokukhathala nanoma yiziphi ezinye izinselelo abazithola enkundleni.
“Baqhubekile bakwazi ukuwina le midlalo. Siwulawulile umdlalo futhi sakhe amathuba anele okushaya amagoli angaphezu kwelilodwa.”
Kodwa okwenza uRiveiro aziqhenye kakhulu ngabadlali bakhe umoya wabo wokulwela umphumela kuyo yonke imidlalo.
IPirates ibhekene nemidlalo enzima njengoba sekubhekwe ekupheleni kwesizini nje kwazise ilwela izindebe ezintathu.
Isemdlalweni wamanqamu kwiNedbank Cup, ikowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League futhi isenethuba elihle lokunqoba iBetway Premiership.
“Sinabadlali abaningi abakulungele ukulwa, futhi yilokho okusenza sibe nethemba ngaphambi kwale midlalo ezayo.
“Sineqembu elikhulu elinekhwalithi namava futhi okubaluleke kakhulu isifiso sokwenza kahle isizini nesizini.
“Lokhu kwenza sihluke kakhulu. Abadlali abangene enkundleni namuhla – OMelusi Buthelezi, uKabelo Dlamini, uPaseka Mako…
“Bonke benze umsebenzi omuhle ekubeni bajwayele ukuba sebhentshini emidlalweni edlule.”
