AmaZuluEzintsha

Ithuba lokubona Usuthu olusha kubalandeli kowePremier’s Cup

Usuthu ludlala neGolden Arrows ngoMgqibelo ekuseni emdlalweni wokuqala walo mqhudelwano waminyaka yonke, obanjelwe eMhlathuze Sports Complex eRichards Bay.

Leli qembu elizinze eThekwini libe nezinguquko eziningi kubadlali ekupheleni kwesizini edlule njengoba livulele izembe kwabangaohezu kweshumi.

Lokhu kusho ukuthi iqembu lizobukeka ngendlela ehlukile ngesizini ezayo futhi abalandeli bazothola amazwibela okuthi lihleleke kanjani ngoMgqibelo.

Njengoba bobabili uVeli Mothwa noRamahlwe Mphahlele behambile, leli qembu lizoba nokaputeni omusha.

Ngokohlu lwabadlali abaqala umdlalo ngoMgqibelo, nguRiaan Hanamub ozohola leli qembu enkundleni. 

Lo mdlali waseNamibia odlala emuva kwesokunxele ungomunye wabadlali asebehlale isikhathi eside abasindile ezembeni ekupheleni kwesizini edlule.

Uyena noHendrik Ekstein abangabadlali asebekhulile nasebenesikhathi eside bekhona kuMaZulu. 

Isizini ezayo kuzoba ngeyokuqala ka-Arthur Zwane esebenza eyedwa kusukela ekuqaleni futhi kubhekwe lukhulukuye.

Ulibophele kanje uZwane iqembu lakhe: Richard Ofori – Keegan Allan, Riaan Hanamub, Sandile Mthethwa, Taariq Fielies – Nkosikhona Radebe, Pule Ekstein, Siyanda Hlangabeza, Ben Motswari – Teboho Mashigo, Thando Ngwenya

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO