
Ilwile, kwashiyana izandla iBanyana iguqa kwiWafcon
Izobuya ekhaya ilambatha iBanyana Banyana njengoba iguqe esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiCaf Women’s Africa Cup of Nations eMorocco.
Leli qembu likaDesiree Ellis liwashiswe ijezi yiNigeria elishaye ngo 2-1 emdalweni obungoLwesibili ebusuku eCasablanca.
Kumele kubalulwe ukuthi kwale inhlanhla nje kwiBanyana njengoba bekuyiyo ebilawula umdlalo futhi idlala ibhola elihle.
ISuperFalcons yaseNigeria ihambe phambili ngomzuzu ka-45 ngemuva kokubekelwa iphenathi evalelwe phakathi uRasheedat Ajibade.
IBanyana ibuyile esiwombeni sesibili, nayo yabekelwa iphenathi ngomzuzu ka-60, uLinda Mothlalo wayinamathisela enethini.
Kuke kwaba nomzuzu omubi ngasekupheleni komdlalo ngesikhathi uGabriela Salgado elimala kabi okwenze abadlali bawo womabili amaqembu babonakala bekhala.
Ukulimala kwakhe kube nesisindo esikhulu kwiBanyana. Yize iqhubekile futhi yacishe yalithola igoli lokuhamba phambili.
Kodwa kube yiNigeria ethole igoli elibalulekile lokunqoba sekusele imizuzu emibili kuphela umdlalo uphele.
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
