
Uhlanganisa ‘elikaNgilokothe’ uRulani Mokwena eLibya
URulani Mokwena usegcine efikile eLibya la ezoqala khona isahluko sakhe esisha ne-Al-Ittihad Tripoli, kanti akahambi yedwa.
Lo somaqhinga waseNingizimu Afrika usehlanganise “ithimba likaNgilokothe” labazomsiza.
Leli thimba ngelabaqqeshi baseNingizimu Afrika azosebenzisana nabo ukuguqula lezi ziqhwaga zaseLibya ziyeke ukubuya ekhaya kuphela, kodwa zidlulele nasezwekazi.
Ngemva kwezinsuku zesiphithiphithi e-Algiers — okuhlanganisa ukuboshelwa ukushushumbisa imali — uMokwena ugcine ehambile ngoMsombuluko ebusuku.
Ubambe indiza ezomdlulisa eTurkey bese ebheka eTripoli lapho esayine khona isivumelwano sesikhathi eside nemali enhle.
Ngaphezu kwemihlomulo emihle, unikwe negunya lokuziqokela ithimba elizomlekelela.
ITHIMBA LIKANGILOKOTHE
Isinqumo sikaRulani Mokwena sokujoyina i-Al-Ittihad sisekelwe ekutheni unique igunya lokuziqokela ithimba lakhe.
Ithimba lakhe linobuso obujwayelekile babantu ayesebenza nabo ngesikhathi sakhe kwiMamelodi Sundowns neWydad AC.
Leli thimba libophele lezi zinsizwa azethembayo:
- USinethema Badela (iphini lomqeqeshi): Uzophinde ahlangane noMokwena ngemuva kwesikhashana asisebenze kwiDurban City nakwiChippa United.
- UWendell Robinson (Umqeqeshi wonozinti): Ulandela uMokwena kanti basuke bonke kwiMC Alger.
- USbu Makitla (Umhlaziyi): Ungumuntu obalulekile ekulungiseleleni amaqhinga kaMokwena.
- UThabiso Moshane (Umbhucungi): Ukuqinisekisa ukuthi iqembu likulungele ngokomzimba ukudlala.
IZETHENJWA ENKUNDLENI
Ngaphezu kwethimba azoqeqesha nalo, uMokwena uphinde wathengelwa nabanye babadlali abebadlonzile.
URulani Mokwena uzophatha isikwati esinabanye babadlali baphambili abasezingeni elihle kakhulu ebholeni lase-Afrika.
UThembinkosi Lorch usevele uqalile ukushaya amagoli eLibya. UNyoso uzophinde ahlangane nomqeqeshi okunguye owamlanda wamusa eNorth Afrika.
Umdlali waseBurkina Faso uStephane Aziz Ki, osekunesikhathi eside uMokwena emfisa, uyisisekelo saleli qembu azolibumba kabusha.
FUNDA NALA | UNkota usekhonjwa lwelaseYurophu
Ukukhombisa ukuzimisela kwayo ngoRulani Mokwena, i-Al Ittihas Tripoli iyiphinde kabili imali ‘yokumkhulula’ kwinkontileka yakhe neMC Alger.
Bekufanele ihlawule leli qembu ngemiholo emibili kaMokwena, kodwa yona yakhokhela emine.
