
Inkakha incoma iDowns ngokuchitha uMngqithi
USello “Page” Mahlangu, oyinkakha yeMamelodi Sundowns, usola uManqoba Mngqithi ngokubuyisela leli qembu emuva.
Uthi uMngqithi uzame ukujika izinto, abuyisele iSundowns ebholeni lakudala eseliphelelwe yisikhathi.
Ngokusho kukaMahlangu, lokhu yikho okumakhele amazinyo abushelelezi kubaphathi njengoba bekuhlukanisa abadlali phakathi.
“Indlela abebedlala ngayo beyikuveza ukuthi kukhona okungahambi kahle,” kusho uMahlangu kwabeKickOff.
“Engikuthandayo wukuthi umqeqeshi imusha usethembise ukungayishintshi indlela abadlala ngayo.
“Uzibonele yena mathupha ngesizini edlule emdlalweni owandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.”
UMiguel Cardoso, umqeqeshi omusha weSundowns, ubeqeqesha i-Esperance yaseTunisia ngesizini edlule. Nguye owagoba iSundowns kowandulela owamanqamu.
“UManqoba umoshe yonke into ngokufika nebhola elisheshayo,” kuqhuba uPage.
“Lihlukanise abadlali phakathi. Liphelelwe yisikhathi. Kulesi zinsuku wonke amaqembu adlala ibhola eligxile ekugcineni ibhola.”
Wenze isibonelo ngokuthi uPep Guardiola wafika eGermany wafaka leli bhola, lathandwa, wafika wenza esifanayo nase-England.
“Singobani ke thina ukuphikisana nalokho? UPitso Mosimane noRulani Mokwena balethe injabulo emndenini wakwaMotsepe ngendlela yokudlala egxile ekugcineni ibhola.
“Wena ke bese uyafika ushintshe lokho, ufune bayeke ukudlala ngaleyo ndlela. Ngisho abadlali bakho bazokujikela uma kunjalo.
“Iphutha likaManqoba elikhulu kube wukuzama ukulungisa into engaphukile,” kuchaza uMahlangu.
“UManqoba ulahlekelwe wukwethenjwa ngabadlali. Ngeke ube ngumqeqeshi okhomba abadlali ngenjumbane uthi lo naloya yibo abasenze sahlulwa.”
