EzintshaKaizer Chiefs

Ucikeke ‘weba’ umakhalekhukhwini uNabi kushaywa iChiefs

Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs ihlulwe yi-Orlando Pirates kwidabhi yaseSoweto ngoMgqibelo. 

Ngemuva kwesithangami sabezindaba sangemva komdlalo e-FNB Stadium, uNasreddine Nabi uphume ngoshova ecasuke kuthi akaqhume, wahamba nomakhalekhukhwini okungewona owakhe.

Amakhosi abehlulwa okuka-12 kwiBetway Premiership kule sizini, nokuqubule imibuzo ngekusasa likaNabi kuleli qembu. 

Bekushubile egunjini labezindaba ngesikhathi intatheli ibuza ukuthi ngabe lo mqeqeshi usazibona ekufanele yini ukuhola iChiefs. 

UNasreddine Nabi uphendule ngolaka, kucacile ukuthi lo mbuzo umhlale kabi, wathi ngokujwayelekile ubengeke awuphendule.

Akakuthandanga ukungatshazwa kwamandla namava akhe wathi akalona yena ivukane ekuqeqesheni ukuthi engabuzwa lowo mbuzo. 

Ngemva kwesikhashana, kucacile ukuthi umoya usaphajeme, wathatha umakhalekhukhwini okungewona owakhe wahamba nawo. 

Ngokombiko weCitizen umthombo uthe, “Wathatha umakhalekhukhwini wahamba nawo waze wafika nawo eSandton. 

“Izikhulu zeqembu kwadingeka zishayele umshayeli wakhe ucingo ngaphambi kokuba abone ukuthi kwenzeke iphutha.”

UNabi uhlala eSandton, ngakho lo makhalekhukhwini wentatheli wahamba ibanga elide ngaphambi kokuba kubonakale iphutha. 

Nokho lokhu kwagcina kulungisiwe, umqeqeshi wathola umakhalekhukhwini wakhe ofanele, nentatheli yathola owayo.

Lesi sigameko esingajwayelekile sigqamisa ingcindezi uNasreddine Nabi angaphansi kwayo njengoba iKaizer Chiefs isaqhubeka nokudonsa kanzima kwiPremiership. 

Abalandeli nabezindaba bafuna izimpendulo ngemuva kwenye isizini edumazayo kule kilabhu engenkulukazi kuleli.

Nokho uNabi uzoba nethuba lokuzihlenga. IChiefs izophinde ibhekane ne-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo eThekwini. 

Ukunqoba kowamanqamu wendebe kungase kudambise ingcindezi kulo mqeqeshi futhi kunikeze abalandeli into abangayijabulela.

Wonke amehlo azobe ethe njo kuNabi neqembu lakhe njengoba belungiselela omunye wemidlalo ebaluleke kakhulu wesizini yabo.