
Ubonge amandla abalandeli uKimvuidi esiza iBucs inqoba
UKarim Kimvuidi ungomunye wabadlali abathole ithuba elingandile lokuqala umdlalo futhi benza kahle i-Orlando Pirates inqoba ngoLwesibili ebusuku.
I-Orlando Pirates iqoqe amaphuzu amathathu abalulekile ishaya iGolden Arrows ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UPatrick Maswanganyi ubeke iPirates phambili ngomzuzu ka-51, kodwa i-Arrows yazibuyisa zishisa izinduku.
USiyanda Mthanti ushaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-59, kodwa uTshegofatso Mabasa waqinisekisa ukuthi amaphuzu aya e-Orlando ngegoli alishaye ngomzuzu ka-72.
Nokho umdlali owenze kahle kunabanye kulo mdlalo kube uKarim Kimvuidi oqokwe njengobevelele futhi obethokozelwa kakhulu ngabalandeli.
“Ngiyazibongela, ngiyazibongela kakhulu. Ngizobonga ngokukhethekela umqeqeshi wami, nethimba lakhe,” usho kanje uKimvuidi ebonga indondo yakhe.
“Sesiside isikhathi ngingadlali kodwa namuhla banginike ithuba lokuzibonakalisa ngoba bengikulwela ukuqala umdlalo ejimini.
“Ngiyababonga. Ngibonga nozakwethu ngoba ngaphandle kwabo bengingeke ngidlale kanje,” kuqhuba yena.
Bekuthi uma ebamba ibhola uKarim Kimvuidi, kuqhume ihlombe kubalandeli bemkhombisa uthando nokujabulela akwenzela iqembu.
“Impela ngiyazi abalandeli bayangithanda, nami ngiyabathanda futhi kakhulu,” kusho yena ngothando alukhonjiswe abalandeli.
“Uma nginikwa ithuba, ngizosebenza kanzima. Ngiyababonga abalandeli ngoba noma kungangihambeli kahle, basuke benami bengeseka.
“Bangenza ngizikhandle ngoba bahlezi bengithuelela imilayezo yokungikhuthaza,” kuchaza lo mdlali odabuka eDR Congo.
Ngalokhu kunqoba iPirates inciphise igebe leMamelodi Sundowns labuyela kwelamaphuzu ayisishiyagaolunye.
Nokho iSundowns isangalinyusa futhi njengoba inomdlalo wasekhaya neChippa United ngoLwesithathu ebusuku.
IPirates yona izoke ikhohlwe yimidlalo yeligi njengoba isibheke kobalulekile wowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo.
Izogadulisana neKaizer Chiefs kuyo iMoses Mabhida Stadium kulo mdlalo obhekwe ngabomvu.
