
UHilary Clinton ugxeka i-US ngodaba lweNdebe yoMhlaba
OwayenguNobhala Wezwe lase-US futhi owake waba semmbangweni wokwengamela leliya zwe, uHilary Clinton, usejoyine abantu abagxeka indlela eliphatha ngayo izivakashi ezizele i-World Cup.
Lokhu kulandela izigameko eziningi lapho abanye abalandeli, izintatheli, izikhulu benqatshelwe ukungena kuleli zwe.
Okususe isidumo esikhulu nokho kube okukanompempe waseSomalia u-Omar Abdulkadir Artan onqatshelwe ukungena kuleli lizwe ngaphambi kokuqala komqhudelwano.
U-Hilary Clinton uthe izwe elisingatha i-World Cup akufanele livimbele abantu abazofeza imisebenzi yabo ngokungacabangi ngemiphumela yalokho.
“Njengomsingathi weNdebe yoMhlaba, i-United States akufanele ivimbele kalula izikhulu ukuthi zingene ezweni zizokwenza umsebenzi wazo,” kusho uClinton.
Uqhube wathi lesi simo siyabuyisela emuva futhi siphikisana nenhloso yemiqhudelwano yezemidlalo yomhlaba wonke.
“Kuyinto esibuyisela emuva kakhulu. Futhi ayisizi ngalutho,” kwengeza lo mama oshade noBill Clinton owayengumengameli we-US.
“Imincintiswano yezemidlalo yomhlaba kufanele iqinise ubudlelwano phakathi kwamazwe.
“Futhi ikhuthaze ukuxhumana kwabantu, hhayi ukwenza okuphambene nalokho.”
Amazwi ka-Hilary Clinton afika ngesikhathi ingcindezi iqhubeka nokukhula kubahleli be-WOrld Cup.
Sekuvele izikhalo eziningi ezimayelana nezindleko eziphezulu zamathikithi, izindawo zokuhlala nemithetho eqinile yokungena ezweni.
Ngaphambilini, ingwazi yebhola lase-England u-Ian Wright nayo igxeke lesi simo, yaze yachaza lo mqhudelwano ngokuthi “uyiNdebe yoMhlaba yesiphithiphithi”.
