EzintshaMamelodi Sundowns

Ubhoboke ngosizi abhekene nalo uMaseko oweqiwa yijezi kwiDowns

Lo mdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, ojoyine esuka kwiSuperSport United (manje esiyiSiwele FC) ngoJulayi ka-2023.

Wayenamaphupho okunyukela ezingeni eliphezulu, elandela ezinyathelweni zabanye abadlali abasuka kwiSuperSport baya kwiSundowns. 

Kodwa yena izinto zakhe azimhambeli kahle, futhi isikhathi sokudlala sesiphenduke abakhwekazi kuye, kanti lokhu kuyamgqilaza emqondweni. 

NgeSonto, lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala ungene ku-Instagram edalula ukuthi ukungasitholi isikhathi sokudlala kumphula kanjani umoya. 

“Angazi nokuthi iqale nini lento… kodwa muva nje kufana nokuthi umlilo obukimi uyashabalala,” kubhala lo mdlali. 

“Ngisaziqeqesha njengoba sengathi impilo yami incike kukho, ngisaphusha noma imisipha yami isikhathele.

“Ngisaphusha noma isimo sengqondo singesihle, kodwa kimi ngaphakathi ngizizwa nginembobo nje. 

“Umdlalo owake wajabulisa umphefumulo wami, manje sengiwuzwa ungisinda, ubanda.”

Ukhulume ngokukhipha wonke amangwevu, kodwa bese ebona sengathi imizamo yakhe ayibonakali, kanti ukuzethemba kwakhe kuyashabalala.

“Manje ithemba liyashabalala… Kuba kanje uma ulahlekelwa yintshisekelo yakho. 

“Okunzima kakhulu? Ukuqhubeka nsukuzonke, unethemba lokuthi leyo ntshisekelo izophinde ibuye.”

UMaseko ubeshiywe ngaphandle eqenjini leSundowns ebeliyodlala keiFifa Club World Cup ngoJuni.

Ngaleso sikhathi bekunamahlebezi okuthi kuneqembu laseCyprus elisha amashushu ngaye futhi eselifake isicelo sokudayiselwa yena. 

Kodwa akukho okusemthethweni osekwenzekile ngalokho, futhi manje uMaseko uzwakala ethwele kanzima futhi elahlekelwa yithemba nokuzethemba. 

Lo mdlali uke waba sezinhlelweni zikaHugo Broos eqenjini leBafana Bafana, kodwa manje uzwakala engumuntu ongasenathemba ngekusasa lakhe ebholeni.