EzintshaMTN8

ULekgwathi uthembe abalandeli ‘abazosabisa’ iStellies

ULucky Lekgwathi, oyinkakha ye-Orlando Pirates uthi abafana beStellenbosh FC bazothuswa yizigi zabalandeli eMoses Mabhida Stadium.

IStellies izogadulisana nePirates emdlalweni wamanqamu weMTN8 kule nkundla ngoMgqibelo ngo-6 ebusuku. 

Ekhuluma neLisenethini kuleli sonto, uLekgwathi uthi nabo babethuka uma ngabe bedlala neKaizer Chiefs eFNB Stadium.

“Ubuningi babalandeli beqembu enibhekene nalo bunesisindo esikhulu,” kusho uLekgwathi.

“Ngakho, ngenxa yobuningi babalandeli bePirates, abadlali beStellenbosh FC abangakaze badlale phambi kwabalandeli abaningi bazosindeka. 

“Badlalile neMamelodi Sundowns kodwa abalandeli kade bebancane kakhulu kunokuqhathaniswa nabalandeli beZimnyama.”

Amathikithi alo mdlalo adayiswe aphela emahoreni amathathu, kanti akungabazeki iningi labalandeli kuzobe kungabePirates. 

ULekgwathi, oyinxusa leMTN8 ukholwa ukuthi abalandeli bazofaka ingcindezi enkulu kubadlali beStellenbosh. 

“Umsindo wabalandeli bekuhhahhameza uma uphethe ibhola uzodala ukuthi bagcine benza amaphutha angenasidingo,” kusho ye nkhakha.

ULekgwathi waba ngomunye wokaputeni bePirates abaqukula izinkomishi eziningi kuleli qembu laseSoweto ngaphansi kwabamqeqeshi abanjengoRuud Krol no-Augusto Palacios. 

Ngaphezu kokuvunwa yisisindo sabalandeli, iPirates inomlando omuhle eMoses Mabhida njengoba seziningi izindebe eziqukule kule nkundla.