Bafana BafanaEzintsha

UJessica Motaung nomlayezo kwiBafana ngeNdebe yoMhlaba

Njengoba i-Bafana Bafana ilungiselela umdlalo wayo wokuqala kwiNdebe yoMhlaba, isikhulu sezokumaketha kwiKaizer Chiefs, u-Jessica Motaung, sesithumele umlayezo oqinile kubalandeli bebhola baseNingizimu Afrika.

IBafana izobhekana neMexico ngoLwesine ebusuku emdlalweni wokuvula lo mqhudelwano ongomkhulukazi emhlabeni. 

Lo mdlalo uzodlalwa eminyakeni engu-16 ngemuva kokuthi uSiphiwe Tshabalala ashaya igoli eladuma umhlaba wonke ngesikhathi kuvulwa iNdebe yoMhlaba ka-2010 eNingizimu Afrika.

Kodwa kulokhu izinto zihlukile. Abafana bakaHugo Broos bazobe bedlala ngaphandle kwasekhaya futhi bangena kulo mqhudelwano kungabhekwe lutho kubo.

Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iToyota Cup ka-2026, u-Jessica Motaung unxuse abalandeli ukuthi babeke eceleni eyamakilabhu abo, baseke i-Bafana Bafana.

“Ngokombono weKaizer Chiefs, sijabule kakhulu ukubona iBafana Bafana idlala umdlalo wayo wokuqala kwiNdebe yoMhlaba. 

“Ngifuna ukusho ukuthi iyesekwa yiKhosi Nation yonkana,” kusho uJessica Motaung.

Njengoba amehlo ezwe lonke esebheke e-Estadio Azteca eMexico City, uJesicca Motaung unethemba lokuthi abantu baseNingizimu Afrika bazophinde bahlangane ngendlela efanayo naleyo eyabonakala ngo-2010.

Uthi uma iBafana ingena enkundleni ngoLwesine, imibala yamaqembu kufanele ibekwe eceleni ngoba okubalulekile manje ukweseka izwe.

Umlayezo ka-Jessica Motaung ucacile: uma i-Bafana Bafana idlala, iNingizimu Afrika iza kuqala hhayi ikilabhu.