EzintshaOrlando Pirates

UMemela uxwayisa uMofokeng ‘ngokugaxela’ njengoZwane

ULuvuyo Memela unokukhathazeka ngoRelebohile Mofokeng angafuni azithole esegaxele kwiPSL njengoThemba Zwane. 

NgokukaMemela, uMofokeng kumele asheshe ashiye kwiPSL ayodlala ngaphandle ukuze akhule angapheleli kuleli. 

Engaqondile ukweya noma ukudelela uZwane, uMememela wenze isibonelo ngalo mdlalo weMamelodi Sundonws.

Uthi uZwane kumele ngabe washeshe washiya kuleli wayofeza amaphupho akhe phesheya njengoba ithalente belimvumela. 

Ekhuluma nabeGoal.Com, uMemela uncome ikhono nesibindi kuMofokeng we-Orlando Pirates, ethi kumele asheshe adedelwe aye phesheya.

“Lowo mfana akasabi lutho… Usemncane kodwa akesabi, ufana noCream (uThulani Serero),” kusho uMemela.

“Kuyajabulisa ukudlala lapha, kodwa ngithemba ukuthi uzothola indlela yokwamukela izicelo zamaqembu amfunayo phesheya. 

“IPirates ngeke imdedele uma lokho kungeyona into efanele, kodwa ngifisa ngempela ukuthi angahamba.

“Uma ngibona abadlali abafanele ukuya e-Europe, ngikholwa wukuthi akadalelwe ibhola laseNingizimu Afrika kuphela. 

“Udinga ukupakisha izikhwama zakhe ahambe. Uma ehlala, uzoqhubeka nokudlala endaweni eyodwa,” kwengeza uMemela.

“Bheka nje uZwane; bekufanele ngabe kudala ashiya eNingizimu Afrika. 

“Yebo, udlala kahle kwiSundowns, kodwa ngiyazibuza ukuthi abadlali abafana naye abakaze bahlonishwe kanjani phesheya. 

“Noma mhlawumbe kwenzeka (ukuthi afunwe phesheya); uyazi… akuyona yonke into ebekwa obala (ebholeni lakuleli),” kuphetha uMemela.

UMofokeng usethubeni lokungoba indebe yakhe yesithathu nePirates njengoba bezodlala owamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo.