
UTeboho Mokoena uyinyama kwawaseSaudi Arabia
Umdlali wasesiswini kwiBafana Bafana neMamelodi Sundowns, u-Teboho Mokoena ufunwa uthuli amaqembu ase-Saudi Arabia.
Sekuvele ukuthi amakilabhu amabili akuleliya lizwe afuna ukumsayinisa ngaphambi kwesizini entsha.
Ngokwemibiko ephuma eSaudi Arabia, amakilabhu i-Al Taawoun ne-Al-Ettifaq anentshisekelo yokuthola lo mdlali oyinsika kwiSundowns neBafana.
Akukhona okokuqala ukuvela ukuthi uMokoena uhalelwa amaqembu aphesheya njengoba kuke kwenzeka naphambilini.
Eminyakeni edlule uke wabikwa kaningi njengomdlali ofunwa amakilabhu ahlukene, kodwa iSundowns yakwazi ukumgcina futhi yamelulela inkontileka.
Njengoba sekuphinde kwavela le mibiko, sekuzobhekwa ukuthi iSundowns izovuma yini ukumdedela kulokhu.
UMokoena usengumgogodla kwiSundowns nakwiBafana Bafana ngenxa yobuholi bakhe, ukufunda umdlalo, ikhono lokulawula umdlalo nokuhlakaza kalula iminyakazo yezimbangi.
Uma kwenzeka ejoyina i-Al-Ettifaq, uzohlangana nozakwabo kwiBafana Bafana, uMohau Nkota, osanda kusuka kwi-Orlando Pirates wajoyina leli qembu.
- FUNDA NALA | IDurban City isiqashe ochithwe yiChiefs
Amasonto azayo kulindeleke ukuthi acacise ikusasa lika-Teboho Mokoena njengoba amakilabhu ase-Saudi Arabia eqhubeka nokukhombisa intshisekelo enkulu ngaye.
Okwamanje usengumdlali weSundowns, kodwa kubukeka sengathi asazokwanda amakilabhu azofongqa isigqoko ecela ukudayiselwa yena.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
