EzintshaMotsepe Foundation Championship

Sekusele kancane ingene kwelesethembiso iDurban City

Lokhu kulandela ukuthi iphinde yathatha elinye igxathu elikhulu elibheke kule ligi efana nezwe lesethembiso.

Isebenze kanzima nangokuzimisela ukuze ishaye i-Upington City ngo 1-0 ngoLwesihlanu ntambama.

Lo mdlalo weMotsepe Foundation Championship ubudlalelwa eChatsworth Stadium ebimanzi futhi ishelela ngenxa yezimvula ezinamandla eThekwini namaphethelo. 

Lezi zimo zenze ukuthi kungadlaleki kahle, ibhola libambeka emaxhaphozini amanzi nabadali beshelela.

Futhi kuke kwanesikhathi la bekubukeka lo mdlalo uzophela zibambene futhi kungekho goli.

Kodwa igoli elibe yishwa elibe umkhonto ogwaze ekhaya likaGivemore Khupe ngasekupheleni komdlalo linikeze iqembu lasekhaya amaphuzu aphelele. 

Manje i-Durban City isishiya izimbangi ngamaphuzu ayisishiyagalolunye esicongweni selogi yeChampionship ngemuva kwemidlalo engu-22.

Futhi njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalombili kusongwe iligi, leli qembu likaSimo Dladla kuzodingeka ligcine ifomu yalo enhle ukuze likhuphukele kwiBetway Premiership. 

Iqembu eliqeda liqhwakele kule logi linyukela kwiPremiership, bese aqede endaweni yesibili neyesithathu adlale eyokuhlunga neliqede kweka-15 kwiligi enkulu.

Kodwa igebe i-Durban City eshiya ngalo iKruger United esendaweni yesibili liyenza izintandokazi ezicacile zokuba ngompetha bale ligi. 

IKruger United inomdlalo othanda ukuba nzinyana njengoba izobhekana neCape Town Spurs elwela ukuvika izembe.

Lamaqembu azogadulisana e-Athlone Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. 

Uma iKruger ilahla amaphuzu, lokho kungaba yinto enhle kakhulu kwi-Durban City ngoba kuzosho ukuthi iyaqhubeka negebe layo lamaphuzu ayisishiyagalolunye.