
IDurban City iqinisekisa umqeqeshi wayo ‘omusha’
I-Durban City FC isimemezele ngokusemthethweni ukuqokwa kukaKhalil Ben Youssef njengomqeqeshi wayo omusha ngaphambi kwesizini ka-2026/27.
Lo mqeqeshi waseTunisia oneminyaka engu-37 ubudala ujoyina leli qembu ngesikhathi liqala isigaba esisha kulandela impumelelo yalo ngesizini edlule.
UBen Youssef uneziqu zeCaf A Licence futhi useke waqeqesha emazweni amaningi okubalwa kuwo iTunisia, iMorocco, iTanzania, iSaudi Arabia ne-United Arab Emirates.
Wake wasebenza emaqenjini afana ne-AS FAR Rabat, iYoung Africans, iClub Africain ne-Al Ahli SC.
Muva nje ubeyingxenye yethimba labaqeqeshi kwiKaizer Chiefs, lapho athole khona ulwazi olunzulu ngeBetway Premiership.
I-Durban City izodlala kwiBetway Premiership, izindebe zakuleli nakwCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
Usihlalo weDurban City, uFarook Kadodia, uthe bakholwa ukuthi lo mqeqeshi unolwazi oludingekayo ukuze aqhubekisele phambili umsebenzi owenziwe kule minyaka emibili edlule.
“UKhalil ungumqeqeshi onolwazi oluqinile, ulwazi olunzulu kwezokuqeqesha nokuqonda ibhola lesimanje.
“Sikholwa ukuthi uyena ofanele ukuhola isigaba esilandelayo sohambo lweDurban City,” kusho uKadodia.
“Sesakhe isisekelo esiqinile eminyakeni emibili edlule futhi sifuna ukuqhubeka nokukhulisa iqembu ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
“Siyaqiniseka ukuthi unabo ubuholi, ubuntu nefilosofi yebhola esiyidingayo.”
UBen Youssef naye uzwakalise ukujabula kwakhe ngokuqokwa kwakhe.
“Ngihloniphekile ukujoyina iDurban City futhi ngibonga usihlalo, ibhodi labaqondisi nawo wonke umuntu eqenjini ngokungethemba,” kusho yena.
“Leli yiqembu elinezifiso ezinkulu nombono ocacile ngekusasa.
“Ngilangazelele ukusebenza nabadlali nethimba labaqeqeshi njengoba silungiselela isizini entsha.”
- FUNDA NALA | UBroos ukhathazwa ukuntanta kweBafana
Uthe inhloso yakhe ukwakha iqembu eliqhudelanayo elizomela kahle izimiso nezifiso ze-Durban City.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
