
UDavids wayengifuna kwakudala – Neo Maema
Umdlali wasesiswini weSimba SC, uNeo Maema, usedalule into okuyiyona eyamhehela kuleli qembu laseTanzania.
Uthi ukuphindela ebholeni leCaf Champions League kube neqhaza elikhulu esinqumweni sakhe sokuthi aqoke leli qembu.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ujoyine iReds of Msimbazi ngo-Agasti, ngemuva kweminyaka emine ekwiMamelodi Sundowns.
UNeo Maema ubedlale imidlalo engu-120 kwiMamelodi Sundowns, waba nesandla emagolini angu-27 ngaleso sikhathi – eshaya amagoli angu-13, wakhela ozakwabo angu-14.
Ekhuluma kuGame On With Thabiso Mosia kuRadio 2000 ngoLwesine, uNeo Maema uphumele obala ngokushiya kwakhe kwiMamelodi Sundowns.
Uphinde wakhuluma ngethonya lalowo obengumqeqeshi weSimba uFadlu Davids, oseshiyile wajoyina iRaja Athletic Club yaseMorocco.
“Kudinga ukusebenza kanzima. Yingakho ngikhethe ukushiya izwe – ukuze ngizibeke esimweni esingcono emsebenzini wami nasempilweni yami,” kusho uMaema.
Uvumile ukuthi ithuba lokuqhubeka nokudlala ibhola leChampions League kube nomthelela kakhulu kuye.
“Ukudlala kwiChampions League yikhona okwangiheha kuqala. Uma ufuna ukudlala kulelo zinga, udinga ukujoyina amakilabhu akulona,” kuchaza yena.
Ngomthelela kaDavids, uMaema uthe banobudlelwano obudala, obusuka esaqeqesha kuleli.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Akubanganzima kimi ngoba besazana nangaphambili. Kunesikhathi lapho ayengifuna njengomdlali ngesikhathi esaseNingizimu Afrika.
“Ungumqeqeshi omuhle futhi uyakwazi ukwenza abadlali bamsebenzele kahle,” kwengeza uMaema.
FUNDA NALA | Okwenze uBroos azibe abeChiefs
Yize engalidalulanga iqembu eyemfuna kulo uDavids, kodwa kuyacaca ukuthi kungesikhathi ekwi-Orlando Pirates.
Nokho ngaleso sikhathi yena waqoka ukuya kwiSundowns la abe nempumelelo enhle khona.
