EzintshaOrlando Pirates

Nali iqembu ezohlasela ngalo iPirates kule sizini ezayo

Sekuputshuke uhla oluphelele kwesikwati i-Orlando Pirates ehlomele ngaso isizini ezayo.

Leli qembu laseSoweto lizobe libhekwe ngabomvu njengoba lizobe lilwela ukuphinda elikwenze ngesizini edlule.

Kwisini yokuqala ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou, iPirates inqobe izindebe ezintathu, yashiya amanye amaqembu encela izithupha.

Inqobe iMTN8, iCarling Knockout neBetway Premiership. Kule sizini ezoqala ngo-Agasti 1 kubhekwe iphinde yenze kahle. 

Nokho i-Orlando Pirates izobe ingenabo abadlali abambalwa abebeseqenjini ngesizini edlule futhi baba nesandla kule mpumelelo.

Kwabaqapheleka kakhulu abangasekho nguRelebohile Mofokeng, uMelusi Buthelezi  noSipho “Lamthuthu” Mbule bobabili asebesemaqenjini aphesheya.

I-Orlando Pirates idedele inqwaba

UMofokeng usanda kwemukelwa ozakwabo ngenhlokomo kwiRoyale Unione Saint-Gillion eBelgium la asayine khona inkontileka yeminyaka emine.

UMbule yena udedelwe mahhala yiPirates ekupheleni kwenkontileka yakhe, kanti manje usedlala kwiSakho SC yase-Iraq. 

UButhelezi naye ukhululwe mahhala kanti manje usesayine kwiSekhukhune United la okulindeleke avuselele khona umsebenzi wakhe.

Eqenjini eliputshuke kuleli sonto, kunabadlali abambalwa abasha okukhona kubo uKabelo Kgositsile nonozinti u-Ethan Visagie. 

Yize i-Orlando Pirates ibingakasiqinisekisi lesi sikwati, kodwa iLisenethini ithole ukuthi yiso, okungenzeka wukuthi kubolekiswe abanye abambalwa uma iqembu selibuya eSpain.

Kukhona nabahlolwayo kwi-Orlando Pirates

Leli qembu njengamanje lisekhempini yokulungiselela isizini eSpain kanti kulindeleke libuye ngasekupheleni kwenyanga. 

Sime kanje lesi sikwati sesisonke: 

Onozinti: Sipho Chaine, Siyabonga Dladla, Ethan Visagie (omusha)

Izitobha: Nkosinathi Sibisi, Lebone Seema, Thapelo Xoki, Mpho Chabatshane, Deon Hotto, Nkosikhona Ndaba, Sbangani Zulu (omusha), Neo Rapoo (omusha), Kamogelo Sebelebele, Yanga Madiba, Deano Van Rooyen. 

Esiswini abahlala emuva: Thalente Mbatha, Makhehlene Makhaula, Sihle Nduli, Goodman Mosele, Masindi Nemtajela, Mthetheleli Mthiyane (omusha), Abdoulaye Mariko, Simphiwe Selepe, Mmatome Molai (omusha).

Esiswini abahlaselayo: Patrick Maswanganyi, Andre De Jongh, Kabelo Dlamini, Thuso Moleleki, Camran Dansin, Cebo Mchunu.

Ezimpondweni:  Oswin Appollis, Tsepang Moremi, Gamphani Lungu, Daniel Msendami, Bohlale Ngwato, Kabelo Kgositsile, Siyabulela Mabele.

Abagadli: Evidence Makgopa, Yanela Mbuthuma, Boiyumelo Radiopane

Kukhona nabanye abadlali abasuka eqenjini leDDC abahambe neqembu elikhulu ngenhloso yokuthi umqeqeshi u-Ouaddou abahlole kahle.

Uma bemchaza, bazobe sebenyuselwa eqenjini elikhulu. Kuvela ukuthi iqembu lisaxoxisana nanoPeter Shalulile ngokuthi alijoyine.