
OweStellies uveza okubahehele kuMashego
I-Stellenbosch FC isimemezele ngokusemthethweni ukubolekwa kwayo umdlali wasemuva, u-Terrence Mashego.
Lo mdlali wasemuva ophondweni lwesinxele ubolekiswe yiMamelodi Sundowns kuleli qembu likaGavin Hunt, kanti uzohlala isizini ka-2026/27 yonke.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ufika kwiStellenbosch ngemuva kwesizini eyimpumelelo ayichithe ebolekiswe kwiDurban City, lapho esize khona iqembu lanqoba iNedbank Cup.
Bekungokwesibili u-Terrence Mashego ephakamisa le ndebe ngemuva kokuyinqoba neTS Galaxy ngo-2019, la baqopha khona umlando beshaya iKaizer Chiefs kowamanqamu.
UMashego uphinde wanqoba izicoco ezintathu zeBetway Premiership ne-African Football League ngesikhathi esadlala kwiSundowns ngaohambi kokuthi kubolekiswe ngaye.
Waphinde abe yingxenye yeBafana Bafana eyaqeda endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations ka-2023.
Isikhulu esiphezulu se-Stellenbosch, uRob Benadie sithe sijabule ngokusayina lo mdlali.
“UTerrence ungumdlali onamava kakhulu futhi oseke wadlala ezingeni eliphezulu ekhaya nakwamanye amazwe.
“Sikholwa ukuthi uzoletha izinga eliphezulu eqenjini lethu, futhi siyajabula ukumamukela kwiStellenbosch,” kusho uBenadie.
- FUNDA NALA | Nasi isikwati sePirates sesizini ezayo
I-Stellenbosch sisayina u-Terrence Mashego nje kungoba sisanda kulahlekelwa ngu-Omega Mdaka obedlala emuva kwesokunxele osejoyine AmaZulu FC.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
