AmaZuluEzintsha

UCross uphawula ngokusolwa abalandeli okumenze ‘wangcono’

Ukudlala kwakhe ngendlela engagculisi emuva kwesokunxele yinto eyenze nabaphathi beqembu babona lena kuyindawo okumele baqinise impela kuyo. 

Yingakho ke besayine uNkanyiso Shinga, noPaseka Mako onamava kule ndawo ukuze kube nombango wezindawo. 

Lo mbango ngathi yiwona kanye abewudinga uCross njengoba edlale kangcono kule midlalo emibili yeBetway Premiership esadlalwe yiChiefs kule sizini. 

Yize ebesolwa kakhulu ngabalandeli, uCross uthi yena ubengakufaki enhliziyweni noma ekhanda lokho ngoba vele yinto abeyilindele. 

“Kujwayelekile ukuthi uthole ukugxekwa okwakhayo uma udlala eqenjini elikhulu. Ngicabanga ukuthi kuyangisiza ukuthi ngikhule, ngibe ngcono,” kusho lo mdlali olinxele. 

Ubekhuluma ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ekomkhulu leChiefs eNaturena Village ngoMsombuluko njengengxenye yezinhlelo zokulungiselela umdlalo olandelayo. 

IChiefs izokwamukela iRichards Bay eFNB Stadium ngoLwesibili emdlalweni weligi – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.

“Ngikholwa wukuthi ukugxekwa okwakhayo kusiza iqembu likhule liye phambili,” kuqhuba uCross. 

“Lokho kwenzeka ngokungakhathalekile ukuthi ngenza amaphutha noma cha. Kuhle nokuthi sinombango omuhle wendawo yasemuva kwesokunxele.” 

Uthi uwamukele lo mbango ofiike noMako noShinga. UMako – odlale kwi-Orlando Pirates isikhathi eside – nguye ongene endaweni kaCross ngesikhathi ethinteka emdlalweni odlule. 

“Okokuqala nje, ngicabanga ukuthi ukuba nobanga nabo indawo kuyazisa ngoba kukwenza ube ngcono futhi kuvimba ukudembesela. 

“Ukuba nabo (uMako noShinga) endaweni eyodwa kuhle kakhulu eqenjini nje lilonke,” kwengeza lo mdlali.