EzintshaOrlando Pirates

UNkota ususe umsindo ‘egxeka’ isimo sePirates ka-Ouaddou

Ube esecelwa ngabeMetro FM ukuba abavakashele nokuyila efike wakhuluma izinto esezisuse umsindo – zamakhela nezitha, zamtholela nabalandeli abasha. 

Okususe umsindo kakhulu futhi kwamenza wasolwa kakhulu wukugxeka kwakhe isimo seqembu ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou. 

IPirates isadlale imidlalo emibili ngaphansi kwalo mqeqeshi odabuka eMorocco – yanqoba kwiPolokwane City, yahlulwa yiSekhukhune United. 

Indlela iqembu elidlale ngayo libhekene neSekhukhune ishiye abalandeli bengakhululekile, benokwesaba ukuthi ngathi lisazodonsa kanzima. 

UNkota yena ukhale ngokuthi umqeqeshi kumele ake ashintshe abadlali abasebenzisayo, ikakhulukazi esiswini ngoba ngathi abahlangene kahle.

“Ukube ngingumqeqeshi mina bengizobashintsha abadlali basesiswini… Ngicabanga ukuthi isikhathi esiningi badlalela emuva,” kusho uNkota.

“Kumele ashintshanise abadlali basesiswini. Kunomdlalo omkhulu ozayo (weMTN8 neMamelodi Sundowns). 

“Sinabadlali abaningi abasezingeni abakhuhla ibhentshi, abanye bahlezi ezihlweleni.”

Ube esebuzwa ngomqeqeshi ukuthi ngoba yena ubenaye belungiselela isizini umazi kangcono, ngabe ubona enza kanjani.

Kodwa uvele wazisula ubuso njengomuntu owazi okuthile okujulile kodwa angafuni ukukusho esidlangalaleni.

“Uma ngikhuluma ngomqeqeshi ngizoba nenkinga,” kusho lo mdlali osemncane osanda kungena naseqenjini leBafana Bafana.

IPirates izogadulisana neMarumo Gallants eDr Molemela Stadium emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku. 

Ngemuva kwalokho, izobe seyiyobhekana neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala wemidlalo eyandulela owamanqamu kwiMTN8.