
Uchwepheshe uphawula ngophawu ‘lokucwasa’ lukanompempe
Impikiswano emayelana nonompempe weVAR wase-Australia, uShaun Evans, iyaqhubeka nokudonsa amehlo emhlabeni wonke.
Manje uchwepheshe wezimpawu zomzimba, uMark Bowden, usephawule ngophawu lwesandla olusematheni.
U-Evans usolwe kakhulu ngemuva kokuthi amakhamera emveze enza uphawu olufana no-“OK” olubheke phansi.
Lokhu kwenzeka ngaphambi komdlalo weNdebe yoMhlaba phakathi kweGermany neCuracao.
Lokhu kuholele ekutheni inhlangano elwa nokucwasa iFare icele iFIFA ukuthi imsuse kulo mqhudelwano.
Nokho, uBowden uthi abantu kufanele baqaphele ngaphambi kokuba nokuphelele ngalesi sigameko.
“Uma sikhuluma ngezimpawu zomzimba, sibheka izimpawu ezingezona ezokukhuluma nezincazelo ezingaba khona,” kusho uBowden ekhuluma neCovers.com.
Uveze ukuthi uphawu olufanayo lungaba nezincazelo ezahlukene emazweni ahlukene.
“Uphawu lwe-‘OK’, lapho umunwe omkhulu nowokukhomba benza indilinga, lungasho ukuthi ‘kulungile’ eNorth America noma ‘kuhle kakhulu’ e-Italy.
“Kodwa kwezinye izingxenye zomhlaba lungathathwa njengento ecasulayo,” kusho uBowden.
“Kanti uma lubheke phansi lungahlotshaniswa nama-right etremists namaqembu acwasa ngokobuhlanga.”
UBowden uvumile ukuthi indlela okwavela ngayo lesi senzo yenza abantu basole.
“Ukushintsha okusheshayo phakathi kokuphumula komunwe ophakathi nokuwugobisa kwenza kubonakale sengathi kukhona umlayezo odluliswa ngenhloso,” kuvuma yena.
Nokho, uthi lokho akusho ukuthi bekuyisenzo esihlosiwe.
“Ngenxa yengcindezi yalolu hlobo lomdlalo, kungenzeka ukuthi ukugobeka komunwe kube umzamo wokuzikhulula noma wokuphumula, umuntu engazi nokuthi uyakwenza.”
UBowden uphinde waveza ukuthi kungaba ubuwula ukuthi unompempe osezingeni leNdebe yoMhlaba azibeke engcupheni ngamabomu.
“Ukwephula imithetho ngaleyo ndlela kungaba ubuwula obukhulu futhi kungahambisani nendlela abaqeqeshwa nabacabanga ngayo onompempe.”
Esebenzisa umqondo owaziwa nge-Occam’s Razor, uBowden uthe: “Incazelo elula ivamise ukuba yiyo enembayo.
“Ngakho kungenzeka kakhulu ukuthi lesi kube yisenzo esingaziwa ngumuntu, nakuba ngeshwa sibe nemiphumela emibi.”
IFIFA kubikwa ukuthi isaqhubeka nophenyo lwayo ukuze ithole ukuthi kwakuyini ngempela inhloso nesimo esasihambisana nalolu phawu oludale umsindo omkhulu emhlabeni wonke.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
