
ISiwelele FC ‘isabawela’ umdlali wePirates
I-Siwelele FC kubikwa ukuthi isha amashushu futhi isikuvezile ukuthi ifuna ukusayina umdlali wasesiswini se-Orlando Pirates.
Kuvela ukuti leli qembu laseFree State ‘lisabawela’ uSelaelo Rasebotja futhi lifuna ukuqinisa ngaye ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27.
Ngokombiko we-iDiski Times, lifuna ukumthatha lo mdlali oneminyaka engu-25, kungaba ngokumboleka noma ngokumsayina ngokugcwele.
URasebotja wajoyina iPirates mahhala ngo-2024 kulandela ukudayiswa kweSuperSport United.
Nokho, akakaze athole amathuba amaningi okudlala, njengoba esadlale imidlalo engu-11 kuphela kuyo yonke imiqhudelwano.
Ngesizini edlule akazange adlale ngisho nowodwa umdlalo ngenxa yokulimala okumhlalise ngaphandle.
Ukufika kwabadlali abasha esiswini kubukeka kuzokwenza kube nzima nakakhulu ukuthi athole indawo eqenjini ngesizini ezayo.
Lokhu kunikeze iSiwelele ithemba lokumthola njengoba umqeqeshi uLehlohonolo Seema efuna ukuqinisa iqembu lakhe ngaphambi kwesizini entsha.
I-Siwelele ilahlekelwe ngabadlali abambalwa ababalulekile, okubalwa kubo uNeo Rapoo noBohlale Ngwato abajoyine i-Orlando Pirates, kanti uGape Moralo ushiye waya kuMaZulu FC.
- FUNDA NALA | Okushiwo uBandile Shandu efika kwiDurban City
URasebotja usenonyaka owodwa osele kwinkontileka yakhe nePirates, okusho ukuthi ikusasa lakhe lingase licace emasontweni azayo njengoba kuqhubeka imakethe yabadlali.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
