
UChisslett uxwayisa iKaizer Chiefs ngemiphumela edlule
IKaizer Chiefs igcwele ukuzethemba njengoba ibheke ukunqoba umdlalo wesine kulandelana uma seyibhekene neTS Galaxy eFNB Stadium ngeSonto ntambama.
Amakhosi anyukele endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership kulandela ukunqoba kwawo ngo 3-1 eshaya i-Orbit College.
Isimo njengamanje ekhempini yeKaizer Chiefs sihle kakhulu futhi makhulu amathemba okunqoba ngeSonto.
Umdlali wasesiswini u-Ethan Chislett uthi iqembu lazi ngokugcwele ukuthi imiphumela edlule ayisho lutho.
“Ukuzethemba kuphezulu, kodwa siyazi ukuthi sisangathuthuka impela,” kusho uChislett.
“Ngeke sikwazi ukugxila emiphumeleni yangaphambilini — ukugxila kwethu njengamanje kwikwiTS Galaxy.”
Yize iGalaxy isanda kushaywa kanzima kwiligi, umdlali wasemuva u-Asanele Velebayi uxwayise ngokuyithatha kancane, wenza isibonelo ngokwenza kahle kwayo kwiNedbank Cup.
“Bayiqembu eliqinile,” kusho yena. “Benze kahle kwindebe, ngakho silindele umdlalo onzima.”
Njengoba enomgqigqo omuhle, Amakhosi azobe elangazelela ukuphinde anqobe — futhi acele abalandeli babo ukuthi nabo badlale eyabo indima yabo.
Umdlalo uhlelelwe ukuthi uqale ngo-3 ntambama ngeSonto eFNB Stadium.
