
UKeagan Dolly ubalisa ngesimo esibucayi abhekene naso
Njengomdlali onamava futhi oke wadlala ezingeni eliphezulu e-Europe, uKeagan Dolly uzithola esesimweni okungenzeka ukuthi ubengakaze azicabange ekuso.
Lo mdlali uke waba yisihlabani kwiMamelodi Sundowns futhi wadlala kwiligi enkulu eFrance neMontpellier.
Kodwa njengoba kusele isikhathi esingaphezu kancane kwesonto kuqale imdlalo yeBetway Premiership, uzithola engenakilabhu azodlala kuyo.
Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala futhi oke wadlala kwiKaizer Chiefs uphakathi kwedlanzana labadlali abanamava anzulu abadonsa kanzima ukuthola amakilabhu amasha.
UKeagan Dolly wadedelwa yiKaizer Chiefs eminyakeni emibili edlule qede wahlala isikhashana engenaqembu.
Nokho wabuye walithola ngemuva kwezinyangana ezimbalwa njengoba asayinwa yiTS Galaxy lapho engazange adlale khona njalo, umqeqeshi encamela abadlali abasebancane.
Nokho ubekujabulele ukudlala indima yokuba ngumeluleki eqenjini, esiza abafana abasebancane noma nini lapho edingeka khona njengoba engasakudingi yena ukugqama.
Kodwa ekupheleni kwesizini edlule, uzithole sekumele aqale phansi futhi njengoba iGalaxy ingazange iyivuselele inkontileka yakhe.
Manje uKeagan Dolly usebuyiselwe eqenjini lesizwe elizodlala kwi-African Championship of Nations (Chan) ngenyanga ezayo.
Ekhuluma esekhempini yaleli qembu eGoli ngoLwesibili, uDolly uvumile ukuthi asikholakali lesi sio akuso yize singaqali ngaye.
“Kuyadumaza ukuthi uma usungale kuka-30 ngeminyaka kuba nzima ukuthola iqembu, kodwa angisho ukuthi akuqali ngami manje,” kusho uDolly.
“Baningi abanye abadlali abaphambi kwami abashiye amaqembu abebekuwo ngoba sebengaphezu kuka-30.
“Futhi bathwale kanzima ukuthola amakilabhu kanti abanye baze baphoqeleka ukuthi bathathe umhlalaphansi ngoba kunzima ukuthola ikilabhu uma usukuleyo minyaka.”
UKeagan Dolly nokho uthemba ukuthi isimo sakhe sizohluka kanti elinye iqembu lizobona ukuthi usengakwazi ukufaka isandla, limsayinise.
“Kodwa ngethemba ukuthi bayabona ukuthi kusekuningi esingakwenza emaqenjini nasebholeni laseNingizimu Afrika.
“Hhayi ngokudlala nje kuphela, kodwa ngokuba yingxenye yekilabhu nokwabelana ngolwazi lwethu nabadlali abasafufusa – lokho kwenza umehluko omkhulu.
“Kodwa impela, khona kuyadumaza ukubona ukuthi bangaki abadlali abadonsa kanzima ukuthola amakilabhu ngemuva kokuhlanganisa iminyaka engu-30,” kuvuma uDolly.
Iqembu lakuleli okukhona kulo abadlali abanamava njengaye uDolly noZakhele Lepasa, kulindeleke lifulathele ngempelasonto.
Lizobe selilibangisa e-Uganda la lizodlalela khona imidlalo yalo yamaqoqo njengoba iqhathwe kuGroup C.
Kuleli qoqo kukhona i-Uganda – engelinye lamaqzwe okuzobanjelwa kuwo o mqhudelwano – neNiger, Guinea ne-Algeria.
Le midlalo izoqala ngoMgqibelo kanti umcimbi wokuvula uzoba seTanzania – iChan izobanjelwa khona eTanzania, nase-Uganda neKenya.
