EzintshaOrlando Pirates

UDerbyshire uveza okubhajiswe iPirates koweChams League

Umdlali wasemuva osemncane we-Orlando Pirates, u-Cristian Derbyshire, useveze ukuzethemba ngokuthi bazokwazi ukuqeda umsebenzi emlenzeni wesibili weCaf Champions League.

Lokhu kulandela ukuqala kwabo ngonyawo lwenkalankala umkhankaso walo mqhudelwano ngokudlala ngokulingana neLa Cure Waves yaseMauritius.

IPirates ibibheke ukuqala kahle kulo mqhudelwano, kodwa igcine ibanjwe ngo-0-0 yilabo mpetha baseMauritius emlenzeni wokuqala. 

Yiyo ebe namathuba amaningi okushaya amagoli kodwa yahluleka ukuwasebenzisa. 

UDerbyshire, obethola ithuba lakhe lokuqala emdlalweni osemthethweni weqembu elikhulu, uthi ukuyodlala ngaphandle kwezwe akulula.

“Akulula neze ukudlala kude nasekhaya, ikakhulukazi usuka ezweni lakho uyodlala ngaphandle,” kusho yena.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle; inkinga ukuthi asiwasebenzisanga amathuba ethu. 

“Besiwuphethe umdlalo. Leli elinye iqembu belihleli emuva nje lona.”

Nokho, u-Cristian Derbyshire ukholwa ukuthi lo mphumela uzoba wusizo uma i-Orlando Pirates isidlala ekhaya.

“Ngicabanga ukuthi lo mphumela esiwutholile ngaphandle uzosisiza uma sesibuyela ekhaya. Uyazi ukuthi kunjani uma sidlala ekhaya.”

Uphinde wamangala ngokwesekwa iPirates ekuthole eMauritius, ethi abalandeli bagcwalise ingxenye enkulu yenkundla.

Umdlalo wesibili uzoba e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo, lapho iPirates izofuna khona ukunqoba ukuze iqhubekele phambili.